IQEMBU lezepolitiki kuleli i-EFF, ligubhe iminyaka ewu-10 lasungulwa eMarikana, eNorth West. Kepha likubeke kwacaca ukuthi umcimbi omkhulu uzokuba eFNB Stadium, eGoli.
UMholi weqembu uMnuz Julius Malema, ekhuluma phambi kwezinkumbi zabantu eMarikana uthe, i-EFF yazaleka ngokubulawa kwabantu ngamaphoyisa eMarikana. Wathi yingakho bethathe isinqumo sokuthi namhlanje bagubhe lolu suku kule ndawo.
Leli qembu lihlabe izinkomo ezingu-10 ngoba likholelwa ekutheni yizona ezingakwazi ukuxhumanisa abaphilayo nalabo abangasekho.
“Ephalamende yithina esaqala ukukhuluma ngeMarikana, yithina esatshela uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuthi ungumbulali. Kanti sifuna u-16 Agasti kube yiholidi eNingizimu Afrika,” kuchaza uMalema.
Uthe yibona njeqembu le-EFF, abakhulumela abantu abahlwempu. Ube esecela abantu baseMarikana, ukuthi ngonyaka ozayo uma sekukhethwa uhulumeni omusha, bangalenzi iphutha kodwa bavotele i-EFF.
UMalema uthe bona njenge-EFF bazokwenze isiqiniseko sokuthi uma sebephethe abantu bayasebenza.
“Akekho umuntu noma iqembu elizobiza umbuthano wezepolitiki phakathi nesonto ngoba abantu bazokube besemsebenzini,” kusho uMalema obehambisana nobuholi obuphezulu baleli qembu.