WEPHUCIWE ubulungu be-DA uSomlomo wesiShayamthetho saseWestern Cape, uMnuz Masizole Mnqasela, olandelwa yizinsolo zenkohlakalo nokukhuluma kabi ngeqembu. Isiteshi sezindaba sethelevishini, i-eNCA, sibike ukuthi uMnqasela uxoshwe emuva kokuba iqembu limyalele ukuba ayeke ukukhuluma kabi ngalo kwabezindaba kodwa yena waqhubeka.
Kwenzeka lokho uvele unyamanambana eqenjini emuva kwezinsolo zenkohlakalo eziqubuke esiShayamthetho. UMnqasela uyakuphika konke asolwa ngakho, umi kwelokuthi umsulwa. Kuvela nokuthi i-DA ifake isicelo sokuthi kuvotelwe ukungethenjwa kobuholi bakhe. Umnqasela ukhale ngokuthi kuyinto engajwayelekile ukuthi iqembu lifake isicelo sokungabethembi ubuholi belungu lawo elijutshiwe.
I-DA ixoshwa uMnqasela nje, ulandela abanye abaholi abamnyama abafudukayo eqenjini abakhala ngenhlalo okuthiwa ayiyinhle kahle ngaphakathi.