I-DA isisabise ngokuthi ngeke iqhubeke nokuba yingxenye kahulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene, uma i-ANC iwisa umnotho noma ibukela phansi uMthethosisekelo.
Leli qembu lithe lingamane liphume kulokhu kubambisana ngoba ngaphandle kwalo uhulumeni awunakho ukwesekwa okwanele.
Lokhu kushiwo ngumholi walo uMnuz John Steenhuisen ekhuluma ne-Cape Town Press Club, eKapa.
Usho lokhu nje kunokuzamazama kulo hulumeni wokubambisana njengoba leli qembu linxenxe uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi angawusayini uMthethosivivinywa wezikole okunemvunge ngawo iBela Bill.
Leli qembu lifuna kulungiswe ezinye izinto elingeneme ngazo kulo Mthethosivivinywa.
“Ukungavumelani ngezinto ezithinta nemigomo akusho ukuthi sekukhona ukusabisa ngokuthi aluzobakhona uzinzo kuhulumeni wokubambisana. Kodwa lokhu akusho ukuthi siyohlala unomphela noma kuthiwa kukhona izinto esingeneme ngazo, Okubalulekile kwi-DA ukukhulisa umnotho, sakhe namathuba emisebenzi. Uma lo hulumeni ehluleka ukwenza lokhu, asikho isidingo sokuthi siqhubeke nokuba yingxenye yawo,” kuxwayisa uSteenhuisen.
Uthe uma i-ANC ifuna ukuwisa umnotho nokungahloniphi uMthethosisekelo leli qembu liyophuma kuhulumeni.
“Uma i-ANC ibukela phansi izinhlaka ezizimele okubalwa ibhange loMbuso, noma iqeda izinto ngezinto ezithile, ngeke siqhubeke nokuba kuhulumeni.”
Uthe ngaphambi kokuphuma kuyoxoxwa, uma kungavunyelwana bese bephuma.
“Siyazi ngeke sithole esikufunayo ngaso sonke isikhathi kodwa kanjalo ne-ANC ngeke ihlale ithola ekufunayo. Abantu bakuleli babaluleke kakhulu kunemizwa yosopolitiki,” kugcizelela uSteenhuisen.
Odabeni oluthinta iBela Bill, uthe uma egcina ngokusayina, bazobheka ezinye izindlela abazozenza.
“Siyayichitha eyeBela Bill, ngoba ibeka engcupheni izinto ezithinta ulimi lwebele ezikoleni. Ngihlanganile noRamaphosa ngamnxenxa ukuthi angasayini. Kuhulumeni wokubambisana kumele abaholi bazibheke izikhalo zabanye,” kusho uSteenhuisen.
Kwenzeka lokhu nje iyaqonga ingcindezi yokuthi uRamaphosa awusayine umthetho.
Izinhlangano ezehlukene okubalwa uphiko lwentsha lwe-ANC, umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, iqembu i-EFF, nezinyunyana zothisha bafuna uRamaphosa awusayine umthetho ngoba waphasiswa nayiPhalamende.
Bezivele zikhala ngokuthi azazi kubambeni ngoba waphasiswa yihlandla eledlule lePhalamende.
USteenhuisen uthe ezinye zeziphakamiso abazozenza ngukuthi imali eholwa abangatohozi nyanga zonke okunguR370, iphendulwe ibe isibonelelo sabafuna umsebenzi.
Okunye ngukuthi ukukhula kwamaholo abasebenzi bakahulumeni kuhambisane neCPI.