I-DA income umsebenzi owenziwe ongqongqoshe bayo kuphela izinsuku ezingu-100 kwasungulwa uhulumeni wokubambisana ophethe izwe.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe mkhulu umsebenzi owenziwe ongqongqoshe baleli qembu abajutshwe eminyangweni ehlukene ezinsukwini ezingu-100 ezedlule.
Amalungu eKhabhinethi likaMengameli, Cyril Ramaphosa, amenyezelwa ngoJuni 30, kanti ayeqhamuka emaqenjini ezepolitiki ayishumi.
Ukwakhiwa kukahulumeni wokubambisana akuzange kube lula njengoba kwakunokuklwebhana emaqenjini ezepolitiki.
I-DA yake yasikaza ukungangeni kuhulumeni wokubambisana kubangwa ukwabiwa kwezikhundla.
Echaza ngokungena kwabo kuhulumeni wokubambisana, uSteenhuisen uthe babeka phambili izidingo zezwe.
“Sasibhekene nezinto ezimbili lapha. Okokuqala; kwakuwukuthi siyeke kube nohulumeni wokubambisana owawuzokuba ne-EFF ne-MK. Lo hulumeni wawuzoguqisa umnotho wezwe. Okwesibili; kwakungukuthi thina singene kuhulumeni wokubambisana, bese sikhulisa umnotho. Sakhetha ukukhulisa umnotho.”
Ezinsukwini ezingu-100 ezedlule akuzange kube lula kuhulumeni wokubambisana.
Kuke kwaba nezikhathi lapho i-DA isabisa ngokushiya kubangwa imithetho efana nowezemfundo, iBasic Education Laws Amendement Act, nowomshwalense wezempilo, i-National Health Insurance.
UNgqongqoshe wezeMfundo oyilungu le-DA, uNksz Siviwe Gwarube, akazange alubhade mhla kusayinwa umthetho wezemfundo njengoba i-DA ingajabule ngezinye izigaba zomthetho.
I-DA iphinde ingajabuli nge-NHI, eyaphasiswa ngaphambi kokhetho.
I-DA yathola izikhundla ezibhekile kuhulumeni wokubambisana njengoba inongqongqoshe abayisithupha, namaphini ongqongqoshe ayisithupha.
USteenhuisen uthe ongqongqoshe baleli qembu babeke phambili ukuthuthukiswa komnotho nokudalwa kwamathuba emisebenzi.
“Ukungena kwethu kuhulumeni wokubambisana kwabuyisa ithemba lekusasa elingcono nokukhula komnotho. Kulezi nsuku ezingu-100 zokuqala senze izinto ezibonakalayo. Into egqame kakhulu ekusebenzeni kukahulumeni wokubambisana ukukhula komnotho nokuncipha kwesibalo sabantu abangasebenzi.
“Lena into esiyibeke phambili njenge-DA. Eqinisweni sifuna ukuthi bonke ongqongqoshe bethu baqhamuke nezindlela zokuthuthukisa umnotho nezokudala amathuba emisebenzi eminyangweni abajutshwe kuyo. Ongqongqoshe bethu sebeqalile ukwenza lo msebenzi.”
USteenhuisen uthe ongqongqoshe be-DA sebeqalile ukuhoxisa izinhlelo zikahulumeni ezingabasizi ngalutho abantu bakuleli.
“Ongqongoshe bethu bakuqaphe ngelokhozi ukusetshenziswa kwemali yeminyango abajutshwe kuyo. Asikwazi ukuqhubeka nokusebenzisa imali entweni engabasizi ngalutho abantu bakuleli.”
USteenhuisen uthe ongqongqoshe be-DA baphenya nangenkohlakalo eminyangweni abayiphethe, wabalula uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda.