INHLANGANO elwela abahola izibonelelo zikahulumeni iBlack Sash ithe iSouth African Social Security Agency (Sassa) kufanele ize nohlelo lokufundisa izaguga ukuthi iholwa kanjani impesheni ebhange.
UNksz Evashnee Naidu obhekele ezokuxhumana kwiBlack Sash KwaZulu-Natal, uveze ukuthi abantu bakhathazekile njengoba imali ingafikanga emaposini baze bayalelwa ukuthi abayokhipha imali emishinini yokukhipha imali nasezitolo.
“Sinomhlangano womhlahlandlela ngokufanele kwenzeke ngezinkinga zePostbank ezithikameza ukuholelwa kwabantu abathola izibonelelo zabo eposini. Kuyishwa ukuthi imali ayifikanga emaposini aKwaZulu-Natal, abantu beyalelwa ukuthi abayoyikhipha ezitolo. Abantu banelungelo lokusebenzisa izindlela zokuhola ezibasebenzelayo futhi eziseduze nabo,” kusho uNksz Naidu.
Ukhale ngokuthi abantu bayalelwa ukuthi abayokhipha imali emishini yokukhipha imali yasemabhange nasezitolo ekubeni bengajwayele ukwenza lokhu.
“Iningi labantu abahola eposini liyasaba ukusebenzisa imishini yokukhipha imali ngoba likhathazwa wubugebengu obenzeka kulezo zindawo. Lizizwa liphephile uma likhipha imali eposini, Akwanele ukuthi abantu batshelwe ukuthi abasebenzise ezinye izindlela zokuhola izibonelelo zabo. Kufanele bafundiswe ukuthi bazokwenza kanjani lokhu nokuthi kuphephe kangakanani,” kusho uNksz Naidu.
Uthe izaguga azikwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje futhi uma zingayitholanga imali ngosuku lokuhola kusho ukuthi kufanele ziboleke imali yokuthenga ukudla nezinye izidingo.
“Udaba lwePostbank siyalusukumela ngoba akulungile ukuthi izaguga nabanye abathola izibonelelo zikahulumeni bangazitholi ngesikhathi ngenxa yokungahleleki kwabaphathi bePostbank. Siyakuqonda ukuthi izwe lisebenzisa ubuchwepheshe besimanje kodwa kufanele kuqondwe ukuthi abantu abaningi basasalele emuva, badinga ukufundiswa kabanzi ngokusebenzisa imishini yasebhange abangayijwayele. ISassa kufanele ivule amahhovisi ayo ifundise abantu ngezinhlelo ezintsha zokuhola,” kuchaza uNksz Naidu.
Uzwakalise ukukhathazeka ngezaguga eziholelwa ngabathile ngoba zizohlupheka zintantiswa ukuze zishintshele ohlelweni olusha wathi kodwa zinalo ilungelo lokuholelwa womunye umuntu noma sezishintshele ebhange.
Omunye umfundi weSolezwe uveze ukuthi impesheni yakhe ibingaveli ngisho emshinini wokukhipha imali wasebhange izolo.
Uthe ikhadi lakhe lokuhola laseSassa liphelelwa yisikhathi ngoDisemba kodwa uzozama ukushintshela ohlelweni lwasebhange njengoba kuhlale kushiwo njalo uma imali ingangenanga eposini.