I-ATM iyaqhubeka nemizamo yokuchitha umbiko woMvikeli woMphakathi okhipha phambili uMengameli, uCyril Ramaphosa, ngodaba lokuntshontshwa kwezindodla zamadola aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala.
I-ATM ifake amaphepha okuphendula esicelweni sayo esifake eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho ifuna ukuthi kuchithwe umbiko ka-Advocate Kholeka Gcaleka.
URamaphosa wayesolwa ngokungawabikeli amaphoyisa ngokuntshontshwa kwemali engu- $580 000 (R10 million) eyantshontshwa ngo-2020.
Umbiko ka-Advocate Gcaleka wathola ukuthi uRamaphosa akukho okuphambene nomthetho akwenzayo.
Kepha i-ATM ayizange iwemukele lo mbiko, yakhala ngokuthi uRamaphosa kufanele achaze ngale mali.
Yabe isifaka icala, ikhala ngokuthi u-Advocate Gcaleka akazange akhulume nabo bonke abantu abathintekayo.
Emaphepheni asenkantolo, umholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, wathi u-Advocate Gcaleka kwakufanele akhulume nowayeyimenenja epulazini likaRamaphosa, uMnuz Simphiwe Ndlovu, okuthiwa uyena owafihla lemali empahleni yasendlini.
UNdlovu kuthiwa wanqaba ukukhuluma no-Advocate Gcaleka, uZungula wathi kwakufanelwe aphoqwe ukuthi aphendule imibuzo.
UZungula wathi u-Advocate Gcaleka kwakufanele aphinde akhulume nowayesebenza endlini, Nksz Froliana Joseph, okuthiwa uyena owahlebela izigebengu ezashaqa lemali.
UNksz Joseph nomfowabo, uMnuz Ndilishano David Joseph, baboshelwe leli cala.
Okhulumela i-ATM, uMnuz Zama Ntshona, uthe banethemba lokuthi inkantolo izovumelana nabo kulesicelo sabo.
UNtshona uthe bafuna ukuthi u-Advocate Gcaleka aqale phansi umbiko wakhe.
“Sifuna enze uphenyo lwakhe ngendlela, asinikeze umbiko oqondile.”
UNtshona uthe u-Advocate Gcaleka wavikela uRamaphosa ngoba nakhu encenge umsebenzi.
Ngesikhathi enza umbiko, u-Advocate Gcaleka wayebambile esikhundleni sakhe.
Kwenzeka lokhu nje iNkantolo yoMthethosisekelo isanda kwemukela icala elifakwe i-EFF, ephonsela inselelo isinqumo sePhalamende sokuchithwa umbiko wethimba elaliphenya ngalolu daba.
Umbiko wethimba elaliholwa owayeyinhloko yamaJaji, uSandile Ngcobo, wathola ukuthi kukhona uRamaphosa okufanele akuphendule.
Nokho iningi lamalungu ePhalamede lavotela ukuthi umbiko uchithwe, nokwakhalisa amaqembu aphikisayo.
I-ATM iyona eyayikade ifake isikhalazo ePhalamende esaholela ekutheni kusungulwe ithimba.