KUFUNGISWE amalungu amabili amasha e-ANC esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, avale izikhala zabasanda kushona.
UMnuz Mpumelelo Zulu noNksz Phumilile Zulu, bafungiswe njengamalungu esiShayamthetho ngoLwesihlanu.
Bavala izikhala ezivuleke emuva kokushona kobengungqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumanyiswa koMphakathi esifundazweni, uMnuz Bheki Ntuli, kanye noNksz Bridget Ntshangase, bobabili abasanda kushona.
UZulu uyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC esifundeni iMzala Nxumalo.
UNksz Zulu yena uyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC esifundazweni kanti ubenguSomlomo kuMasipala waKwaDukuza.
UNksz Zulu uke wasikazwa kwesobumeya kulo masipala emuva kokushiya kongasekho kulesi sikhundla, uMnuz Ricardo Mthembu, owashiya ngo-2019 ngesikhathi eqokelwa kwesokuba yilungu lesiShayamthetho.
Ukubhuntsha kwemihlangano eyayibizelwe ukukhetha ozovala isikhala sikaMthembu ngenxa yoqhekeko kumakhansela e-ANC, kwaphuthisela uNksz Zulu ngomgexo wobumeya.
I-ANC yagcina ifake uNkk Dolly Govender kulesi sikhundla ukuvimba uqhekeko.
USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, uthe unethemba lokuthi la malungu ngeke akuthole kunzima ukujwayela imithetho yesiShayamthetho.
“Ngizwile ukuthi nobabili niqhamuka kumkhakha wohulumeni basekhaya, onemithetho eminingi kakhulu. Angiboni kuzokuba inkinga ukuthi nijwayele imithetho yalapha esiShayamthetho.