NJENGOBA iqonga eyokusebenzisana kwamaqembu ahlukene ezepolitiki ukubumba ohulumeni emva kokhetho lwangonyaka ozayo, i-ANC ithe nakuba ingenawo umgomo wokuthi alikho iqembu engeke isebenze nalo kodwa akhona engeke isebenzisane nawo.
Le nhlangano ithe kunemigomo yayo eqinile ezochitha amaqembu, ezobe isebenza ngayo ukuchitha amaqembu engeke isebenzisane nawo.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo njengoba bekusongwa umhlangano wesigungu esiphezulu wale nhlangano, uMnuz David Makhura, uthe amanye amaqembu azozisalela wona ngaphandle echithwa imigomo abasayakha yokusebenzisana.
“Asinawo umgomo othi ngeke sisebenze neqembu elithile, kodwa akhona lawo maqembu azochithwa ile migomo esizoyibeka. Phambilini sasebenza namaqembu ahlukene ukubumba ohulumeni, amanye esasiyizitha nawo,” kusho uMakhura.
UMakhura uthe izinkomba ziveza ukuthi amanye amaqembu athembele kohulumeni bokubambisana emva kokhetho wathi i-ANC ibuyela emphakathini ngoba lisekhona ithemba.
“Amanye amaqembu asethembele ekubambisaneni namanye ngoba awasakhulelwa izibalo. I-ANC yona ngukuthi ibuyele emphakathini ngoba amalungu ayo ayiduba angaya koyivotela,” kusho uMakhura.
UMakhura uthe kumele kube nemigomo ezolawula ukusebenza kohulumeni bokubambisana kungaba komasipala noma ezifundazweni.
“Sifuna abasebenzi abaqashwe ngokugcwele kuhulumeni noma komasipala, kungaba izimenenja noma abaphethe imikhandlu ukuthi bangathinteki uma kwenzeka izinguquko kuhulumeni noma komasipala. Asifuni kube nokuthi njalo uma kunezinguquko bese kushintshwa bonke ubuholi,” kusho uMakhura.
Uthe emva kokhetho lohulumeni basekhaya nyakenye bangu-80, omasipala okungawinanga qembu eliphethe lodwa umkhandlu kodwa okunokusebenzisana kwamaqembu.
“Sifuna nokuthi iqembu elithole amavoti amaningi kungaba kumasipala noma kuhulumeni kube yilona elizobumba uhulumeni. Akukwazi ukuthi iqembu elithole amavoti amancane noma uthole ukuthi abantu abambalwa kube yibo abahola izingxoxo zokubumba uhulumeni noma kube yibo abazoba yiqembu eliphikisayo.”
Uthe ngokwabo basebenzela ekudleni umhlanganiso okhethweni lwangonyaka ozayo.
Uveze nokuthi amaqembu abazosebenza nawo kumele alandele imigomo yezwe, angagqugquzeli udlame, abeke phambili abantu, intuthuko kanjalo nezinye izinto ezithinta ukuphucula umphakathi.
“Uma sizosebenzisana neqembu elithile, alikwazi ukuthi lingaphazamisa imihlangano. Sifuna imihlangano ingaphazanyiswa yingakho uNobhala jikelele uMnuz Fikile Mbulula, ezonekela isizwe umbiko ogcwele ngokuthi sivumelene ngani,” kusho uMakhura.