BUHLAKAZIWE ubuholi be-ANC esiFundeni iJosiah Gumede ebiyaziwa ngoThukela phambilini ngenxa yokuba buthaka nokuholele ekutheni kube nezinkinga kuMasipala wase-Alfred Duma nasoThukela.
Esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe isizathu esibenze bathatha lesi sinqumo wukuthi ngonyaka odlule kuke kwakhona izikhawana lapho amagatsha abo kade ekhala ngobuholi besifunda ethi abugculisi.
“Amagatsha abethi ubuholi besifunda buyahluleka wukungenela emagatsheni uma kunezinkinga nokuthi buyahluleka wukuqinisekisa ukuthi labo abathunywe ezikhundleni komasipala bawenza ngendlela umsebenzi wabo,” kusho uNtuli.
Uthe bavumelwane njengobuholi besifundazwe ukuthi sekunesikhathi kunezinkinga ezingaxazululeki kulesi sifunda, babe sebenquma ukuthi babuhlakaze ubuholi bakhona.
“Sibuhlakazile ubuholi sizobeka ithimba lesikhashana elizolungiselela ingqungquthela, esikholwa wukuthi izohlala ngaphambi kwezinyanga eziyisithupha njengoba umthethosisekelo wombutho wesizwe usho kanjalo,” kusho uNtuli.
Uthe ukuhlakazwa kobuholi baseJosiah Gumede akuhlanganise lutho nokumiswa kweMeya yase-Alfred Duma uMnuz Vincent Madlala.
UMadlala umiswe ngemuva kokubhikishelwa ngamalungu omphakathi, osomatekisi nezinhlangano ezizimele zomphakathi.
UNtuli uveze ukuthi wonke amaqabane abo aseMzimkhulu abephazamisa ukuhlala komhlangano womkhandlu azovela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
“EMzimkhulu besibhekene nenkinga engajwayelekile emva kokuthatha isinqumo sokuthi amaqabane amathathu ethu esiwathumela ukuthi abeyingxenye yesigungu esiphezulu eMzimkhulu kepha ezikhawini ezimbili noma ezintathu sizama ukuthi lawo maqabane afungiswe lokho kwangaphumelela ngoba la maqabane ethu esiwabizela ekomitini eliqondisa ubugwegwe abevele angafiki emihlanganweni, uma sithola engathi la maqabane esizowaqondisa ubugwegwe abethi labo esibathumayo baqhamuka ohlangothini olulodwa, ngokukholwa kwethu ebesicabanga ukuthi izinhlangothi zaphela emva kwengqungquthela yesifunda,” kusho uNtuli.
Uthe emva kokuthatha isinqumo sokuwaqondisa ubugwegwe la maqabane, ube esethola incwadi abeyisayine wonke lapho, kade exolisa khona ngesenzo sawo.
“Yize la maqabane esexolisile kodwa sithi awaqhubeke nokuvela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngoba siyakholwa wukuthi axolise ngoba esezwe ukuthi sizowaqondisa,” kusho uNtuli.
Nanka amaqabane aseMzimkhulu azoqondiswa ubugwegwe, iMeya yaseMzikhulu uMnuz Mphuthumi Mpabanga, iPhini leMeya yaseHarry Gwala Nkk Ntusenga Maphasa-Duma, Mnuz Mzolisi Ndobe, Mnuz Nkululeko Mphakathi, Mnuz Thokozani Mbhele, Mnuz Mncedisi Ndlela, Nksz Vuyisa Mkhize, Nksz Nozibusiso Monyana, Nksz Bongiwe Sibeni, Mnuz Nkosinathi Mlambo, Nkk Nonzwakazi Sikosana, Nksz Nontembiso Langa, noNkk Petronelia Madzibe, Nkk Duduzile Mzizi, Mnuz Sifiso Madziba, Mnuz Zibuse Mthobeni, Nksz Nomonde Kolobeni noMnuz Thamsanqa Khambula.