INYELEZELE endlini kwi-AfriForum, esolwa ngokusabalalisa inkoleloze ngomthetho wokuthathwa komhlaba nezakhiwo osanda kusayinwa.
I-AfriForum ivulelwe icala lokuvukela uMbuso yizinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-MK, amalungu e-ANC esifundazweni iWestern Cape, namalungu e-Sanco.
La macala avulwe izolo, kulandela isinqumo sikaMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, sokuhoxisa uxhaso olutholwa iNingizimu Afrika ngoba esola elakuleli ngokuhlwitha umhlaba nokunyathela amalungelo abathile.
Nasezinkundleni zokuxhumana i-AfriForum inyamanambana ebanwini bakuleli njengoba begxeka izenzo zayo.
Izinhlaka ezivule amacala zithe kunje nje ingenxa ye-AfriForum abayisola ngokuqamba amanga ngomthetho omusha wokuthathwa komhlaba nezakhiwo.
Umholi we-MK ePhalamende, uDkt John Hlophe, uthe lokhu okwenziwe yi-AfriForum kuyicala elibomvu.
“Bahlangane nezinhlaka zangaphandle baphazamisa ukuzimela kwezwe. Le nto abayenzile ifana ncamashi nokuphazamisa ukusebenza kwezwe kanye nomnotho. Maningi amacala afana nalawa aseke athethwa lapho khona amajaji akubeka kwacaca ukuthi kuwukuvukela uMbuso ukunxenxa uhulumeni wangaphandle ukuba unswinye izwe lakho.”
UHlophe uthe i-AfriForum iyaziwa ukuthi iyaphikisana nento enikeza amathuba abantu abebecindezelwe ngaphambili, wathi bafuna ukuthi ithathelwe izinyathelo eziqinile.
“Uma ingase iyekwe i-AfriForum baningi abanye abazobukela phansi izwe lethu. Nginxusa zonke izinhlaka ezifuna ukubona inqubekela phambili ukuba zibambisane kulolu daba.”
UHlophe uphinde wagxeka ukuziphatha kukaTrump.
“Akusilona iqiniso ukuthi kuhlwitha umhlaba nokuthi kubulawa abalimi kuleli. UTrump uyazi ukuthi kunehhovisi lenxusa lakuleli eMelika, obekufanele axhumane nalo. Yena uvele wakhetha ukungalandeli imigudu. Lokhu kukhombisa ukuthi uTrump akasihloniphi.”
Isikhulu esiphezulu kwi-AfriForum, uMnuz Kallie Kriel, sikuphikile ukuthi izenzo zabo ziwukuvukela uMbuso.
“Uphenyo luzokhombisa ukuthi ayikho le nto abayishoyo. Umbhedo nje le nto yabo, akuyona into engaze isiqwashise ebusuku. Kuwumsebenzi wethu njengenhlangano elwela amalungelo abantu ukuba sikhulume uma kukhona abantu abacindezelwayo.”
UKriel uthe kufanele kugxekwe uhulumeni oholwa yi-ANC ngokuhoxiswa koxhaso, wathi kuyabamangaza nokuthi i-MK ingenye yezinhlangano ezibavulele icala.
“Ngesikhathi kusaphethe uZuma (umholi we-MK, uJacob) esewumengameli iningi inkohlakalo eyayenzeka kuleli nokwaze kwaholela ekutheni kusungulwe iKhomishini eyayiPhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.”