IHLABELA phambili i-ActionSA ngemizamo yayo yokuthi uMasipala waseThekwini ubizwe ngondunankulu kaZulu osanda kukhothama, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Omele i-ActionSA embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka ozayo, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bahlela ukufaka isiphakamiso sokuthi uMasipala waseThekwini ubizwe ngoButhelezi.
Lokhu ukusho esithangamini nabezindaba, lapho emenyezelwe njengozothatha isikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal uma i-ActionSA inqoba ukhetho oluzayo.
Isimemezelo senziwe uMengameli we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, izolo. UButhelezi, ongumsunguli weqembu i-IFP, ukhothame ngoSepthemba, nonyaka.
UMashaba utshele uMncwango ukuthi i-ActionSA kufanele iqhamuke nezinhlelo zokuhlonipha uButhelezi.
“Kuwe umuthi omkhulu lapha KwaZulu-Natal. UButhelezi ubambe iqhaza elikhulu kakhulu ekuthuthukiseni iKwaZulu-Natal. Kumfanele ukuthi uMasipala waseThekwini uqanjwe ngaye.”
UMashaba uthe bafuna nokuthi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sithuthele oLundi.
“Kufanele nixoxe namanye amaqembu ezepolitiki ukuba eseke isiphakamiso sokuthi isiShayamthetho siye oLundi. Lena kungaba indlela enhle kabi yokuhlonipha uShenge.”
UMncwango uthe isiphakamiso sokuthi kushintshwe igama likaMasipala waseThekwini bazosifaka emhlanganweni womkhandlu olandelayo.
UMasipala waseThekwini iwona wodwa KwaZulu-Natal owumkhandlu-dolobha.
“Sinethemba lokuthi isiphakamiso esizosifaka sizothola ukweseka amaqembu ameleleke kumasipala.”
UMncwango uthe bazonxenxa amaqembu abazosebenzisana nawo emva kokhetho ukuba aseke isiphakamiso sokuthi isiShayamthetho sesifundazwe sithuthele oLundi.
UMncwango uthe akuwenzi umqondo ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal ukhiphe imali eshisiwe, uqasha isakhiwo esiseMgungundlovu, ekubeni sikhona isakhiwo esisoLundi.
Uthe ukubuyela kwesiShayamthetho oLundi kungonga izigidi zamaRandi ezikhokhwa uhulumeni waKwaZulu-Natal ukuqasha isakhiwo esisetshenziswa njengamanje.
Isakhiwo esisoLundi isona esasikade sisetshenziswa uhulumeni waKwaZulu-Natal ngesikhathi kusaphethe i-IFP.
Emva kokuthi i-ANC ithathe izintambo zoMbuso esifundazweni, isiShayamthetho sabe sesithuthela eMgungundlovu.
Amaqembu ezepolitiki afana ne-IFP, NFP ayaseseka isiphakamiso sokuthi isiShayamthetho sibuyele oLundi.
Ngakolunye uhlangothi, uhulumeni waKwaZulu-Natal usezinhlelweni zokwakha isakhiwo sesiShayamthetho namahhovisi eminyango kahulumeni esizobiza uR8 billion. Lesi sakhiwo sizokuba seMgungundlovu.