IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, icele abantu ukuthi bavikele ingqalasizinda kamasipala esendaweni yabo emuva kokucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi, iMlaza 4 Pumpstation.
Ukucekelwa phansi kwale ngqalasizinda yamanzi bekusho ukuthi imishini ayikwazi ukuphampa amanzi afike ezigcemeni zaseMlaza okuwu-Z, AA, BB nasengxenyeni encane yakwa-U.
Kuleli sonto uKaunda ubeye eMlaza lapho ebeyobheka khona umsebenzi osuwenziwe ukulungisa ingqalasizinda yalesi siteshi ebicekelwe phansi.
UKaunda uthe emuva kokudicilelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi nekagesi, umasipala uthumele amathimba ayisipesheli ukuyolungisa le nkinga.
“Siyakuqonda ukuthi umphakathi awuthandi ukushisa amathayi kodwa ugcina usukwenza lokhu uma uphatheke kabi. Kuye kwacekelwa phansi ingqalasizinda yamanzi nekagesi. Amanzi aseyatholakala kwezinye izindawo kodwa ngoLwesine azobe esetholakala ngendlela ejwayelekile kuzo zonke izindawo ezithintekayo,” kusho uKaunda.
Uveze ukuthi imishini isiqalile ukuphampa amanzi aya ezinqolobaneni zawo ukuze abantu bakwazi ukuwathola.
Uxolisile kubantu ngokuphazamiseka kokuthunyelwa kwamanzi, esho nokuthi bekungesiyo inhloso kamasipala ukuthi bagcine bengenawo amanzi kodwa yizigebengu ezidicilela phansi ingqalasizinda eziholele ekutheni agcine engasekho.
“NgeSonto sizoba nomhlangano womphakathi ukuwuchazela ngakho konke okwenzekile nomsebenzi esesiwenzile ukubuyisa amanzi. Abantu bazothola nethuba lokubuza kwimeya nokuthula ezinye izingqinamba ababhekene nazo ngoba imeya iyisisebenzi somphakathi. Siyacela umphakathi usilekelele ukuvikela ingqalasizinda ngoba ukucekelwa kwayo phansi kusihlukumeza sonke,” kuchaza uKaunda.
Uthe kukhona unogaba oqaphe ingqalasizinda kodwa bayalidinga neso lomphakathi ukuze ihlale iphephile.
Umsebenzi osuwenzile kule ngqalasizinda yamanzi kubalwa ukulungiswa kwamakhebuli kagesi namabhathini alawula ukusebenza kwemishini yamanzi okuqedwe ngoJuni 12.
Kube sekuqala kugcwaliswa inqolobane yamanzi ebizwa ngeMlazi Reservoir 5.
Isigaba sokugcina kuzoba esokuvulela amanzi enqolobaneni enkulu ukuze akwazi ukuphuma kompompi bakwa-Z nakwa-AA njengoba ezinye izigceme ebezithinteka seziwatholile.
UKaunda uthe ngesikhathi amanzi engekho umasipala ubuqinisekisa ukuthi uthumela amaloli athwala amanzi ukuze abantu bakwazi ukuphila kahle.