Ibekwe eqhulwini eyokuqeda inkemane, ukwakha amathuba emisebenzi, ukufukula umnotho nokwakha uzinzo kuhulumeni nakomasipala.
Lokhu kuvezwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesine ePhalamende ngesikhathi enekela isizwe umkhombandlela wezinto ezizokwenziwa nguhulumeni wobumbano, kule minyaka emihlanu ezayo.
Nakuba ezinye zezinto eseke wazisho phambilini kodwa uveze ukuthi kulokhu kuzobekwa umnqamulajuqu wokuthi zenzeka ngokushesha ngoba abantu bakhathele ukulinda.
“Abantu bafuna imisebenzi, ukwenza lokho kumele sikhulise umnotho. Umnotho sizowukhulisa ngokuthi silungise omasipala bethu. Ziqalile izinhlelo zokubalungisa ikakhulu labo abakhulu abangamaMetro, njengaseThekwini lapho sijube khona ithimba elilungisa izinto. Sifuna iTheku libuyelwe isithunzi elalinaso ngoba akumele idolobha elikhulu kangaka libe esimeni elikuso manje,” kusho uRamaphosa.
Uthe komasipala kumele kufakwe abantu abazi umsebenzi, kulungiswe ingqalasizinda nezinkinga ezithinta amanzi nokuthuthwa kwendle.
Uveze ukuthi bazogxila nasekubhekeni ukudla okungeke kusafakwa intela ukuze baqede indlala.
“Indaba yokubiza kukaphethroli yinto esizoyibheka ukuze abantu bangashayeki kakhulu ephaketheni. Sizoxoxa njengohulumeni wobumbano sibheke ukuthi ikuphi ukudla okumele kungafakwa intela ukuze kwehle inkinga yobubha.”
Ubalule nendaba yemisebenzi wathi bafuna abatshali bezimali bafake imali futhi benza nemizamo yokuthi behlise imali ekhokhelwa isikweletu sezwe.
“Sakhe amathuba emisebenzi eyevile ku-2 million, ohlelweni lukamengameli lokuzama ukulwa nalesi sihlava. Izikole ezingu-25 000 zihlomule ngabasizi bothisha. Uma sibambisene sizosiqeda isihlava sokungasebenzi,” kusho uRamaphosa.
Ubalule nokuthi bazobiza umhlangano ozohlanganisa zonke izinhlaka, nabantu bakuleli kubhungwe ngezinto ezithinta izwe.
URamaphosa wehlise amaphaphu kwabacabanga ukuthi kuzogqabuka igoda phakathi kwamaqembu abambisene kuhulumeni.
“Singamaqembu angu-10 kuhulumeni wokubambisana. Kumnandi ukuxoxa nabaholi bala maqembu. Awuyi ndawo lo hulumeni. Sinezinto esingaboni ngaso linye kuzona, kodwa kweziningi zazo sibona ngeso elilodwa. Kudingeka ukuthi sisebenzisane,” kusho uRamaphosa.
Uthe basazohlangana neKhabhinethi bakhe izinhlelo ezizohambisana nesabelomali sezwe.
“Sizoqhubeka sivikele abasebenzi, senze izimo zokusebenza zibe sesimeni. Sizoqhubeka nezinhlelo zokuvikela imigomo ethinta ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abamnyama. Sizobaseka osomabhizinisi abancane ukuze bakhe amathuba emisebenzi.”
Uthe bayaqhubeka neyomshwalense wezempilo iNational Health Insurance, bakhe amagumbi okufundela ezikoleni, baqeqeshe abahlengikazi, baqinise emkhakheni we-ECD kwezemfundo, baphinde balungise inkinga yamanzi.
“Sifuna izwe likwazi ukuzikhiqizela izinto. Asifuni ukuthi kube nezinto ezizoyiswa kwamanye amazwe zibuye sezibiza kakhulu uma sezibuya kula mazwe.”
Uthe bafuna sigcine sesiholwa unomphela isibonelelo sabangatohozi.
Uveze ukuthi ufuna izwe liphenduke inkundla yokwakha kudume imishini kuphuculwe ingqalasizinda emikhakheni ehlukene okubalwa ezolimo neminye.