UMXAZULULI wezinkinga zezimpesheni, uNksz Muvhango Lukhaimane, uyalele isikhwama sempesheni yabasebenzi bomasipala ukuthi sikhokhele umsebenzi uR800 000 owakhokhelwa omunye umuntu ngesikhathi lo msebenzi esaboshiwe.
UNksz Lukhaimane, oyiPension Funds Adjudicator, uthe kubalulekile ukuthi izikhwama zempesheni zikhokhe imali kubantu abafanele ukugwema ukuqolwa yizigebengu.
Uyalele iMunicipal Gratuity Fund ukuba inikeze lo msebenzi, owayeqashwe yinkampani ebhekelele ezemfucuza kuMasipala waseGoli, iPikitUp, uR800 000 nenzalo yakhona eyanikwa umuntu ongafanele.
Lo msebenzi, okungacaci ukuthi wayeboshelweni, wafaka icala ehhovisi likaNksz Lukhaimane ekhala ngokuthi emuva kokuboshwa ngo-2016 wathola ukuthi imali yakhe yempesheni ewu-R810 413.07 yakhokhelwa umuntu ongafanele ngoSepthemba ka-2018.
Uthe wayesejele ngesikhathi imali ikhishwa futhi uma esephumile uthole ukuthi kunesitatimende somkokotelo okwathiwa uvuma kuso ukuthi imali uyayifuna, kwathunyelwa namafomu anamaphutha kwathiwa yiwona ayegunyaza isikhwama ukuba sikhiphe imali.
Uthe isitatimende esifungelwe sasingenaso nesigxivizo futhi singasayiniwe, okubeka obala ukuthi sasiwumkokotelo.
UNksz Lukhaimane uthe lesi sikhwama sakhokha imali yize kwakucaca ukuthi kunenkohlakalo eqhubekayo.
Ubalule ukuthi ngoFebhuwari ka-2016 ngesikhathi isikhwama sicela ikhophi kamazisi womsebenzi egxiviziwe, umqashi wathi ngeke akwazi ukuyikhipha ngenxa yokuthi usejele.
Uthe ngisho ngoJuni 22 ka-2018 isikhwama sempesheni saqinisekisa ukuthi usesejele kodwa saqhubeka nokukhuluma nesigebengu esasizenza lo msebenzi nge-email.
Umsebenzi uthe isikhwama sempesheni sakhokha sibe sazi kahle ukuthi usejele, akakwazi ukuxhumana nabantu nge-email.
Isikhwama sithe sona sathola isaziso sakuqinisekisa ukuthi i-akhawunti okufakwa kuyo imali ngeyomsebenzi sase sidedela imali ngoSepthemba ka-2018.
Siveze ukuthi sithole ngoJanuwari ka-2019 sesitshelwa yiBidvest Bank ukuthi i-akhawunti okwafakwa kuyo imali ngeyamaqola antshontsha imininingwane yabantu ukuze akhwabanise imali yabo.
Sithe savula necala emaphoyiseni emuva kwalesi sigameko.
UNksz Lukhaimane uthe isikhwama saba budedengu ngokuthi sikhokhe imali ekubeni sitsheliwe ukuthi umuntu usejele.
“Kuyacaca ukuthi isikhwama sasitsheliwe ukuthi umsebenzi usejele. Asizange siyikhiphe imali ngo-2016 njengoba umqashi wayeshilo ukuthi umnikazi wemali usejele. Kuyamangaza ukuthi asizange siyobheka ukuthi kwenzekani njengoba esefuna imali. Kuyaziwa ukuthi umuntu osejele akakwazi ukuxhumana kalula nabantu abangaphandle ngakho kuyamangaza ukuthi isikhwama sempesheni sakhokha imali singazange siqinisekise ukuthi umuntu okhokhelwayo usephumile yini ejele,” kusho uNksz Lukhaimane.
Uthe ukube lesi sikhwama besingekho budedengu ngemali yabantu, bekufanele sazi ukuthi ejele awukhulumi nesiboshwa bengazi ojele futhi abantu ababoshiwe abakwazi ukuvula ama-akhawunti asebhange.
Ubalule ukuthi izikhwama zempesheni zinesibophezelo sokuphatha kahle imali yabantu, singayiniki amaqola ngakho-ke kufanele sikhokhele lo msebenzi imali yakhe nenzalo yayo.