KUSADLA lubi ukufunwa ucansi kwezitshudeni ukuze zigixabezwe ngamamaki, ukuhlukunyezwa ngokocansi ezikhungweni zemfundo ephakeme kanjalo nodlame olubhekiswe kwabesifazane nokushaywa indiva kwemigomo yezokulingana kwabesilisa nabesifazane.
Lezi ngezinye zezinto ezigqame emhlanganweni wekomiti lemfundo ePhakeme ePhalamende izolo, ebelithola umbiko kwiKhomishini yezokuLingana ngokobulili nebanga eselihanjiwe ukufukula abesifazane kulezi zikhungo.
Usihlalo wekomiti uMnuz Tebogo Letsie, uhlabe ikhwelo lokuthi zivikelwe izitshudeni zesifazane ezisafunwa ucansi ukuze zithole amamaki.
Ukhale ngesihlava sokuhlukunyezwa kwezitshudeni zesifazane athe kumele kuqedwe ngaso.
“Izikhungo zemfundo yilapho izitshudeni okumele zizizwe ziphephile khona, noma kuthiwa zihlala ngaphandle noma zihlala ngaphakathi. Iyakhathaza eyokufunwa ucansi kwezitshudeni ukuze zithole amamaki.”
UMnuz Tsietsi Shuping obhekele ezomthetho kwikhomishini, uthe izikhungo kumele ziyilandele imigomo ebekiwe ethinta ukulingana ngakwezobulili, ziqinisekise ukuthi izitshudeni ziphephile.
Uthe ezinye zezikhungo zibhekene nezinselelo ekuqinisekiseni ukuthi le migomo iyalandelwa.
“Ezinye zezikhungo aziyilandeli imigomo ethinta ukulingana ngokobulili, kusagcwele isiqhoqho samadoda ezikhundleni eziphezulu. Nemigomo ethinta ukufukula abaphila nokukhubazeka nabathandana nobulili obufanayo ishaywa indiva ezikhungweni.”
Uthe ezinye zezikhungo azifuni ukubuyekeza imigomo ethinta ukuhlukunyezwa ngokocansi ukuze ihambisane nemigomo ethinta ukuqasha.
Umqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo ePhakeme, uDkt Nkosinathi Sishi, uthe bazoqinisekisa ukuthi umbiko wekhomishini izikhungo ziyawulandela.
Uthe imigomo ekhona okubalwa eyokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane, ihlose ukuqeda ngale nkinga ezikhungweni zemfundo.
IPhini likaNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Mimmy Gondwe, lithe izikhungo kumele kube yizindawo eziphephile kwizitshudeni.
UDkt Gondwe uthe yizinto abazibeke eqhulwini bengumnyango ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwezitshudeni ezikhungweni.
Owayengungqongqoshe walo mnyango, uDkt Blade Nzimande, wakhipha umbiko wethimba elaliluleka ngezithinta amacala okuhlukumeza ngokocansi kanjalo nodlame olubhekiswe kwizitshudeni ezikhungweni.
Leli thimba laphakamisa ukuthi kube nendawo lapho kuzoqoshwa khona amagama alabo abalahlwe amacala okuhlukumeza ngokocansi nawodlame ukuze kungathi uma sebexoshwe esikhungweni esithile, bavumbuke kwesinye isikhungo.