SEKUPHINDE kwaqubuka enye impi yamazwi kubaholi bamaqembu akuhulumeni wokubambisana, unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, nosihlalo woMkhandlu weDA, uNkk Helen Zille.
UMbalula useveze ukuthi uNkk Zille abamncengile ukuthi ahlale kuhulumeni wokubambisana, wathi angaphuma uma engasathandi ukuhlala.
UMbalula ukusho lokhu ngesikhathi ebuzwa ngenkulumo kaNkk Zille esabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho uNkk Zille ezwakala ethi awukho uhulumeni wokubambisana eNingizimu Afrika, wathi izwe liphethwe i-ANC neDA.
Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, uNkk Zille uzwakala ethi i-DA ne-ANC bavumelana ngokuthi babuse ngokubambisana.
Uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, uyena-ke owabe eseshintsha ethi kuzoba nohulumeni wokubambisana ngoba efuna ukuthi amalungu e-ANC asheshe amukele ukubambisana kwala maqembu.
Kule nkulumo uNkk Zille uphinde azwakale ethi inhloso yabo ukuthi i-ANC igcine iphumile emandleni.
UMbalula uthe bona bazi ukuthi izwe liphethwe uhulumeni wokubambisana.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi kokuqala komhlangano wesigungu esiphezulu wezinsuku eziyisithupha.
UMbalula uthe uhulumeni wokubambisana uholwa i-ANC ngoba yathola amavoti amaningi okhethweni.
“Asincengi muntu lapha kuhulumeni wokubambisana,abafuna ukuhamba, abahambe. Naye uZille uma efuna ukuhamba, akahambe. Iqiniso ukuthi alikho iqembu elanqoba ukhetho ngamalengiso. Abantu bathi bafuna ukuthi kube nohulumeni wobumbano. Asikho ke isidingo sokuthi silokhu sikhohlisana, sikhuluma izinto ezingekho.”
Akusikhona okokuqala la baholi begejana ngenxa kahulumeni wokubambisana.
Kuke kwaba kubi laba baholi bebanga ukujoyina kwePA, uNkk Zille wayekhala ngokuthi i-ANC ayizange ibonisane nabo ngaphambi kokuthi ivumele iPA ukuthi ijoyine uhulumeni wokubambisana.
UMbalula uthe iDA iyazifanela nje nawo wonke amaqembu aphikisayo, wathi inhloso yayo ukukhipha i-ANC emandleni.
Ekhuluma ngomhlangano wesigungu esiphezulu wezinsuku eziyisithupha oqale izolo, uMbalula uthe bazoxoxa kabanzi ngemiphumela yokhetho baphinde baqhamuke nomhlahlandlela.
I-ANC ayizange yenze kahle okhethweni lwangoMeyi njengoba yathola ngaphansi kuka-50%.
UMbalula uthe kufanele baqhamuke namasu azokwenza ukuthi induku ebashayile ingabaphindi okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngo-2026.