UPHINDE wahlangabezana nenye imbibizane yezomthetho owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, emizamweni yakhe yokuzishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Adv Billy Downer.
INkantolo yoMthethosisekelo ichithe isicelo sikaZuma sokuba uDowner nentatheli amangalelwe nayo baphoqwe ukuba bavele ecaleni abashushisa kulo.
UDowner nentatheli abasayi ecaleni ngenxa yokuthi iNkantolo eNkulu eMgungundlovu yanquma ukuthi ukushushiswa kwabo wuZuma akukho emthethweni.
UZuma wasidlulisela phambili leso sinqumo.
UZuma ubefuna ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo iphoqe uDowner nentatheli ukuthi baqhubeke nokuza ecaleni abashushisa kulo, kuze kube kuphuma isinqumo ecaleni lapho aphonsela khona inselelo isinqumo esithi akukho emthethweni ukushushiswa kwabo.
Icala lapho uZuma azishushisela khona uDowner nentatheli lizobuyela eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu, ngoMeyi.
INkantolo yoMthethosisekelo ichithe isicelo sikaZuma, yathi akalinde isinqumo ecaleni lapho ephonsela khona inselelo isinqumo esithi akukho emthethweni ukushushisa kwakhe uDowner nentatheli.
Isinqumo senkantolo sisho ukuthi uDowner nentatheli abaphoqelekile ukuba baye enkantolo uma sekuqhubeka icala abashushiswa kulo wuZuma.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe icala lapho uZuma ezishushisela uDonwer nentatheli lizoqhubeka ngosuku olubekiwe.
“INkantolo yoMthethosisekelo ithe ayinalo igunya lokulalela isicelo sikaZuma, yanganikeza isizathu salokho. Engingakusho nje wukuthi icala elibekwe uZuma nentatheli lizoqhubeka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoMeyi.”
UZuma usola uDonwer ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngesimo sakhe sempilo.
Umdoniswano kaZuma noDowner ubambezela ukuqulwa kwecala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene noZuma nenkampani yezikhali iThales.
UZuma ufuna ukuthi uDowner ashenxe ecaleni lenkohlakalo nokukhwabanisa, ukhala ngokuthi akakulungele ukumshushisa njengoba ebhekene necala.