UFAKAZI wabamangalelwa ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uthe amaphoyisa aphikisana aze aqembukelana phakathi ngabantu okwakufanele baboshwe kuleli cala. Ufakazi uWarrant Officer Meshack Makhubo, uveze ukuthi yayimagwala mabili ethimbeni lamaphoyisa isimo sishubile kuphikiswana ngokwakufanele baboshwe.
Kushushiswa amadoda amahlanu okusolwa ukuthi yiwona aphuma inqina amkakisa okwenyamazane uMeyiwa amusa kwagoqanyawo.
UMbuso umi ngezitatimende okuthiwa zasayinwa abamangalelwa, begonyuluka emaphoyiseni badalula nobasi wabo owabanika itoho lokuqeda ngoMeyiwa. Abamangalelwa bathi bazisayina izitatimende ngoba base bevuthiwe yisibhaxu samaphoyisa.
UMakhubu osophikweni loKlebe, uthe baqokwa kuleli cala baba yithimba elikhethekile labaphenyi abane. Uthe ngesikhathi bephenya kwacaca ukuthi bayehlukana ngemibono.
Uthe behlukana kwaba khona abahamba nedokodo lokuqala elingu-636/10/2014 bese kuba nethimba ledokodo u375/1/2019 elalikhomba abanye abasolwa abehlukile.
“ Mina noColonel Buthelezi sagcina sikhishwa ngoba sasinombono ohlukile, yingakho singatshelwanga ngesikhathi sekuboshwa abasolwa. Idokodo lethu salihambisa kuMshushisi uBaloyi noBrigadier Gininda wahambisa elakhe idokodo,’’ kusho uMakhubo.
Uthe kuze kube manje akaze ayithole incwadi emazisa ukuthi wahoxiswa kuleli cala. UMakhubo uthe yena unawo womabili amadokodo ecala.
UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi, uthe ubufakazi bukaMakhubo abunasidingo kulesi sigaba secala wacela ukuthi buchithwe bunganakwa.
Udaba lwamadokodo amabili kuleli cala likaMeyiwa lubangwe kakhulu phambilini futhi abezokushushisa baqinisekisa ukuthi akhona womabili. Abezokushushisa bathi bafuna kulindwe kuqedwe ngecala eliqhubekayo kuzwakale umphumela walo bese kubhekwa leli elinye.
Kwake kwavela ukuthi idokodo lesibili likhomba ukuthi kufanele kuboshwe abantu ababesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa. Idokodo lesibili liveza ukuthi azikho izigebengu ezangena kodwa uMeyiwa wabulawa wumuntu owayesendlini.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkanatolo namuhla kuqhubeke izethulo zokugoqa ubufakazi bokuthi inkantolo yamukele noma ichithe izitatimende zokuvuma icala okuthiwa zenziwa ummangalelwa wokuqala nowesibili.