IKAPAKELE nasePhalamende eyokusebenzisana kwamaqembu ahlukene kuhulumeni wobumbano njengoba osihlalo bamakomiti bepikwe kulawa maqembu futhi bakhethwa ngaphandle kokuphikiswa.
Abanye ababengamaphini ongqongqoshe, bakhethelwe ekubeni osihlalo bamakomiti ePhalamende.
Ukwehla kokwesekwa kwe-ANC okhethweni obelungoMeyi nonyaka, kwenze abanye abaholi bangakhethelwa ezikhundleni zongqongqoshe namaphini oNgqongqoshe ngenxa yokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, bekumele apike abaholi bamanye amaqembu kwiKhabhinethi yakhe.
Umholi weRise Mzansi, uMnuz Songezo Zibi, ukhethwe ngo-elethu esikhundleni sikasihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwemali yomphakathi iScopa.
Leli komiti yilona elihlola kabanzi ukusebenza kwemali kahulumeni eminyangweni ehlukene.
UZibi oke waba ngumhleli wephephandaba, wesekwe yi-ANC kanjalo ne-DA kwesikasihlalo weScopa.
Iqembu lakhe liveze ukuthi iScopa isinomholi omusha.
“Uzosebenzisana nabantu bakuleli ukuqinisekisa ukuthi imali yomphakathi isetshenziswa ngendlela. Uzovikela imali yomphakathi ngaphandle kokwesaba nokwenzelela,” kusho iRise Mzansi.
UDkt Sibogiseni Dhlomo obeyiphini likangqongqoshe wezeMpilo ukhethelwe kwesokuba ngusihlalo wekomiti lezeMpilo ePhalamende.
Owayeyinhloko yezokuxhumana kwi-ANC, uNksz Khusela Diko, uqokelwe kwesikasihlalo ekomitini lezokuXhumana nobuChwepheshe.
Owayengungqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Joseph Maswanganyi, uqokelwe kwesikasihlalo wekomiti lezeziMali.
Abaholi okubalwa uMnuz Supra Obakeng Mahumapelo, uqokelwe kwesikasihlalo wekomiti lezobuDlelwano bamaZwe oMhlaba nokuBambisana.
Umholi weBosa, uMnuz Mmusi Maimane, uqokelwe kwesikasihlalo weStanding Committee on Appropriations.
Oke waba yimeya yaseKurhuleni, uMnuz Mzwandile Masina, uqokelwe kwesikasihlalo wekomiti lezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
Owayengumxhumanisi wethimba lesikhashana le-ANC Youth League, uNksz Joy Maimela, uqokelwe kwesikasihlalo wekomiti leMfundo eyisiSekelo.
Owayengungqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Zizi Kodwa, uyilungu lekomiti leMfundo ePhakeme.
UKodwa wazihoxela kulesi sikhundla njengoba ebhekene necala lenkohlakalo.