IZODLIWA yizembe imeya, uNksz Lindile Nhaca, njengoba ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal sebuqale izinhlelo zokwenza izinguquko ebuholini obuphezulu bomkhandlu.
Isinqumo sokwenza izinguquko ebuholini bomkhandlu sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal.
Unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe izinguquko zizothinta ubuholi obuphezulu bomkhandlu obaziwa nge-troika. I-troika kuba imeya, iphini lemeya nosomlomo.
Usomlomo womkhandlu uNkk Dolly Govender, kanti iphini lemeya lona alikaze likhethwe kusukela kwashona uMnuz Thulani “Mbazo” Ntuli, ngonyaka owedlule.
Imihlangano yokuzama ukukhetha ozongena esikhundleni sephini lemeya yabhuntsha ngenxa yokungavumelani kwamakhansela e-ANC.
Isigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal sithatha lesi sinqumo nje uNksz Nhaca ubevele esehleli ngesinqe esisodwa.
Ngenyanga eyedlule kwaputshuka inkulumo kaMtolo, lapho ayethi khona kufanele uNksz Nhaca asuswe esikhundleni bese kufakwa elinye ikhansela le-ANC, uMnuz Njabulo Cele.
Izolo uMtolo akazange afune ukudalula amagama abazokhishwa nabazongena ezikhundleni.
UMtolo uthe bakhethe ukwenza izinguquko ngoba befuna ukubuyisa uzinzo kulo mkhandlu.
“Kubalulekile kakhulu ukuthi njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026, siqinisekise ukuthi kunozinzo kuyo yonke imikhandlu ephethwe i-ANC. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi sibuyisa isithunzi se-ANC, siphinde sihambise izidingo.”
UMtolo uthe bazophinde benze izinguquko nasemakomitini omkhandlu.
“Uhlelo lokwenza izinguquko kuMasipala waKwaDukuza sizolwenza ngokuvumelana nehhovisi likanobhala jikelele (uMnuz Fikile Mbalula). Uma sesivumelene nehhovisi likanobhala jikelele, sizobe sesiqhubeka nezinguquko ngokubambisana nobuholi be-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza. Ubuholi besifunda buzokwenza isiqiniseko sokuthi akubi khona zihibe ngesikhathi kwenziwa izinguquko.”
UMtolo uveze ukuthi i-ANC izophuma umkhankaso wokufuna amaqembu ezobambisana nawo komasipala baKwaZulu-Natal okungekho qembu elaphumelela ngamalengiso.
I-ANC ibikade ibambisene ne-EFF komasipala abaningi baKwaZulu-Natal.
Umshado we-ANC ne-EFF usuchithekile komasipala baKwaZulu-Natal abaningi, futhi i-ANC isinabangani abasha KwaZulu-Natal, i-IFP, DA, neNFP, ababusa nabo ngokubambisana isifundazwe.
UMtolo uthe bazimisele ngokubambisana namanye amaqembu komasipala ukuze kuzokuba nozinzo.
Loku bambisana kwabo sekuqalile ukubonakala kuMasipala waseThekwini, lapho ikhansela le-IFP, uMnuz Mdu Nkosi, eqokelwe kwesikasihlalo wekomiti elibhekelele amanzi nogesi.
I-ANC isaxoxa neDA kulo mkhandlu, uma izingxoxo ziphumelela, iDA izothola ikomiti elibhekelele ukuhlaliswa kwabantu.
UMtolo uthe kuphelile obekubahlanganise ne-EFF.
“Kunzima ukusebenza nala bantu ngoba balala bephenduka. Ngeke ubathembe, bafana nesimo sezulu.”