BUSINDELE ukugaleleka kweMK, ecoboshise amaqembu amaningi okhethweni kubalwa nokwehlisa ukwesekwa kwe-ANC KwaZulu-Natal, ubuholi be-EFF esifundazweni obebuzohlakazwa.
UKhomanda we-EFF uJulius Malema uthe uyabuthethelela ubuholi baseKZN ngoba akekho owayazi ukuthi iMK izogila izimanga ezingaka okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe obelungoMeyi.
I-EFF esifundazweni yehlelwe izihlalo esiShayamthetho yasala nezimbili kuphela kanti ukwesekwa kwayo kwehlile ngenxa yokufika kweMK.
Ekhuluma nabalandeli be-EFF ngesikhathi igubha iminyaka engu-11 enkundleni yemidlalo i-AR Abass, eKimberley ngempelasonto, uMalema uthe ubuholi bukasihlalo uMnuz Mongezi Twala, ngeke abuhlakaze.
“Alwile amaqabane aseKZN. Awazange abone ukuthi iMK izogaleleka ngale ndlela okhethweni. Bekungelula ukuthi bahlule iMK. Akukho okuzokwenzeka kubona. Bezincane izinsiza zokukhankankasa, basangabaholi baseKZN,” kusho uMalema.
Uthe bahluleke bezamile laba baholi wathi kodwa abaholi baseNorth West naseLimpopo, kumele baphendule ngokubhacaza okhethweni.
“EBojanala eNorth West silahlekelwe amavoti angu-25 000. Ayikho incazelo yokuthi lokhu kwenzeke kanjani. Sidinga ubuholi obusha kulezi zindawo. Ngeke siyeke abantu abavilaphayo,” kusho uMalema.
Uthe kumele bajeze labo ababhacazile okhethweni.
“Abantu kumele badle ngoba besebenzile. Abangasebenzanga sizobadedela bayophumula.”
EKZN i-IFP, DA, ANC neNFP bakhe uhulumeni wobumbano.
I-EFF neMK yiwona maqembu aphikisayo njengoba esebenzisana. Kuzwelonke iMK iyiqembu eliphikisayo ePhalamende. Leli qembu aliyona ingxenye yohulumeni wobumbano kanjalo ne-EFF. UMalema uhlale eyincoma iMK ngokucoboshisa i-ANC ephumile emandleni.
I-ANC kuzwelonke ayikwazanga ukuthola amvoti enele ukuthi ibuse ngayodwana kuhulumeni njengoba bekwenzeka phambilini.