BUNKANISE KwaZulu-Natal ubuholi be-EFF bukazwelonke ngale mpelasonto ukuzozizwela kumagatsha izizathu ezenze leli qembu lehlelwa ukwesekwa okhethweni lukazwelonke obelungoMeyi nonyaka.
Leli qembu ligasele kulesi sifundazwe liholwa ngumengameli walo uMnuz Julius Malema.
Lisanda kugqemeka udume lwengozi ngokushiywa ngomunye wabasunguli balo, uMnuz Floyd Shivambu, obeyiphini likamengameli onikwe isikhundla sikaMgqugquzeli kaZwelonke eqenjini Umkhonto weSizwe, eliholwa nguMnuz Jacob Zuma.
UNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, ekhuluma nezintatheli eMhlanga, uthe kutheleke sonke isigungu saleli qembu ukuzozithola ngokwenze leli qembu lishayeke kangaka okhethweni.
Leli qembu lisele nezihlalo ezimbili kuphela esiShayamthetho sesifundazwe zisuka kweziyishiyagalombili.
UDlamini uthe uthuliwe umbiko ngokwenzeka okhethweni lwangoMeyi.
“Silahlekelwe amavoti acela ku-300 000 okhethweni lwangoMeyi. Silahlekelwe izihlalo eziyisithupha esiShayamthetho yingakho sizolalela amagatsha ukuthi kwenzakaleni. Sifuna ukuthola umkhombandlela ngokuthi ikuphi okumele sikwenze,” kusho uDlamini.
Uthe bazohambela izindawo ezehlukene ukuthola izinselelo ezibekhona.
“Sifuna ukuzwa kubantu okuyibo abebehambele imiphakathi ukuzwa izikhalazo zabo. Kusishayile ukwehlelwa ukwesekwa kwe-EFF kulesi sifundazwe,” kusho uDlamini.
Uthe abazile kulesi sifundazwe ngomqondo wokuthi bayazi ukuthi yini eyenze leli qembu langesekwa.
UMalema ekhuluma eGoli, ngoMsombuluko ebusuku, ukuvezile ukuthi ngeke basilaxaze lesi sifundazwe kodwa bazoza ukuzozizwela ukuthi kwenzakaleni.
Wakuveza phambilini ukuthi iqembu i-MK lifike njengesikhonyane esibhubhise kwasani okhethweni.
Wabalula ukuthi akekho owayazi ukuthi leli qembu lingagadla emaqenjini amaningi kangaka lehlise ukwesekwa kwalo.
I-ANC ayisalanga ngaphandle ekwehlelweni wukwesekwa kulandela ukufika kwe-MK.
UDlamini uthe ngeke bayikhulume eyokuhamba kukaShivambu kule mpelasonto.
“UShivambu uhambile eqenjini, ikhasi lakhe silivalile. Akukho okuzokhulunywa ngaye ngoba usengumlando kwi-EFF,” kusho uDlamini.
Uveze ukuthi alikho elinye ilungu elisasulile kulandela ukuhamba kukaShivambu.
Kusasa uMalema kulindeleke ukuthi akhulume emngcwabeni kamama womholi kasihlalo waleli qembu esifundazweni, uMnuz Mongezi Twala, Osizweni, eNewcastle.