UMCULI kamaskandi, uSgwebo ukhale ngokuqiniswa kakhulu kwezokuphepha enkonzweni yomngcwabo wesiqumama saseRichards Bay, uMnuz Nkululeko Mkhize (32) ngoLwesihlanu.
Inkonzo yomngcwabo kaMkhize ibisenkundleni yezemidlalo eMzingazi, nokuyilapho okuthiwa wakhulela khona.
UMkhize udutshulwe amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU) wafa endaweni yabadla izambane likapondo eZimbali Estate eBallito ngoSepthemba 20.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, ubeyamaniswa nesigameko sabayisihlanu abadutshulwe bafa enkabeni yedolobha iRichards Bay ngosuku olwandulela abulawe ngalo.
Isitatimende siqhubeka sithi ngosuku abulawe ngalo, amaphoyisa angena ngokucophelela kule ndawo yomacaphuna kusale, ngokuphazima kweso azithola esengaphansi kwengcindezi yokudutshulwa.
Isitatimende siveza ukuthi amaphoyisa abe esebuyisela ngenhlamvu, kwagcina kufa abasolwa ababili.
Kule nkonzo bekukhona amaphoyisa abehlome ephelele. Ngesikhathi amaningi ehamba ngezimoto zombutho ezihlukahlukene, amanye abendiza ngendiza enophephela emhlane ebilokhu izungeza inkundla ngesikhathi kunenkonzo yomngcwabo ebihanjelwe yizinkumbi zabantu.
USgwebo uvele wawabhuqa amaphoyisa, ethi abebesemgcwabeni abawashayele ihlombe ngoba akakaze awabone amaphoyisa amaningi kangaka.
“Imingcwabo eminingi sengiyihambile, kodwa ngiyaqala ukubona ukuthi sike silaliswe phansi ngezisu sibe size emngcwabeni, silaliswa amaphoyisa. Ngicela sike siwashayele ihlombe,,” kusho uSgwebo.
Emva kokushaywa kwehlombe, uphinde wathi akushaywe elinye ngoba lincane leli elishayiwe ngamaphoyisa amangaka ahambele umngcwabo.
Uthe lokhu akwenze kuMkhize, awakwenze nakwezinye izigebengu ezidlwengula, zibulale abantu besifazane.
“Zibulaleni zonke izigebengu, ningagcini ngoNkululeko kuphela,” kusho yena.
Omunye obuye wakhuluma uNgizwe Mchunu, ogxeke osomabhizinisi abaziwayo, athe basizwe uMkhize, kodwa abangasabonwa nangokhalo emngcwabeni.
“Kunosomabhizinisi la abasizwe kakhulu uMkhize kodwa abekho la ngoba bangamavaka. Ubasize bakhula baba yizinto ezinkulu kodwa asibaboni ngoba bangamagwala,“ kusho uNgizwe.
Uqhube wathi kuyena uMkhize ubephila, wenza isibonelo sokuthi uke wamsiza ngemoto, kufanele aye ecaleni eGauteng, uthe uMkhize wakhipha itekisi wathi akahambe nalabo abazomeseka, uzozikhokhela izindleko zetekisi.
Uthe yena ubemazi njengosomabhizinisi kuphela.
Phakathi kwabanye abakhulumile kubalwa uKhehlelezi, Saliwa noNdoni, bonke bebemtusa ngokuba wisizo kubona, bethi akukho soka elingenasici.