ABALULEKA osomabhizinisi abancane bathi kumele bangagijimeli ukuyofunda amakhono ebhizinisi ngoba behehwa imali yokugibela abazoyithola.
UMnuz Elijah Masondo wenkampani ekhiqiza ushukela, i-Illovo Sugar, ubekhuluma nosomabhizinisi abancane esigcawini sokucobelelana ngolwazi, ebesiyingxenye yombukiso wosombhizinisi abancane obuhlelwe uMasipala weTheku, obusenxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu eMlaza, ophele izolo.
Uthe kunosomabhizinisi abathi uma bezwa ngethuba elithile lokuthi osomabhizinisi bafunde ikhono elithile lebhizinisi, baqale babuze ukuthi bazoyinikwa yini imali yokugibela. Uma ingekho abazihluphi ngokubheka ukuthi ngabe leli khono lidingeka kangakanani ebhizinisini labo.
"Le ndlela yokubuka izinto iholela ekutheni osomabhizinsi abaningi bazithole beme ndawonye okuze kuholele ekutheni kucatshwangwe ukuthi awekho amathuba kanti cha benza ibhizinisi elilodwa elifanayo. Lokhu kuyisimo esifanayo nesenzeka emkhakheni wezemfundo kuleli. Abantu abaningi banamajazi kodwa bafundele izinto imakethe yezemisebenzi engazidingi, bagcine behleli emakhaya," kusho yena.
Lokhu kwenanelwe nanguMnuz Thami Zondi Mnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, othe osomabhizinisi abaningi uma besungula amabhizinisi ababheki ukuthi yini edingekayo ngaleso sikhathi.
"Ungavuli ibhizinisi ngoba uthi uyaziwa ukuthi into uyakwazi ukuyenza njengokuthi nje uyaziwa ukuthi ibhodwe uyalishaya. Bheka ukuthi ngabe emkhakheni wokupheka angakanani amathuba okuthi ukhule, inkampani yakho ibe nkulu. Uma usutholile ukuthi usendleleni eyiyo, thola wonke amaphepha adingekayo ukuze uzokwazi ukuthola lawo mathuba.
“Ukuba namaphepha kusho ukuthi uyayikhokha intela, ubhalisile ezikhungweni ezifanele ezilawula umkhakha okuwo. Uma usekudleni, unazo izitifiketi ezikhomba ukuthi ukudla kwakho kuphephile kuhlanzekile ngoba uma ungenako lokho uzolokhu usala uma kuqashwa izinkampani," kusho uZondi.
Uthe njengamanje izinkomba zezomnotho ziveza ukuthi umkhakha osakhula owezezimali, owezokudayiswa kwezindlu, amabhilidi nomhlaba nokunakekelwa kwawo.
UNkk Essay Reddy ongumnikazi wenkampani i-KZN Oils, ululeke osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bangajahi ukuyosebenzela ezindaweni ezikhokhelwayo ezibizayo ezisemadolobheni.
"Qala lapho ukhona ngoba ugesi nezinye izinto ozosebenzisayo azibizi kakhulu. Uma usuya edolobheni kumele ukhokhe imali enkulu yerenti okungaholela ekutheni ibhizinisi lakho lingakhuli noma liwe," kusho uNkk Reddy.