IBIGCWELE ichichima iNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, ngesikhathi kuvela abalisa abahlanu abasolwa ngokubulala umculi uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane.
U-AKA noTibz badutshulwa ngaphandle kwesitolo sokudla iWish emgwaqweni uFlorida, eThekwini, ngoFebhuwari 10, nyakenye.
Phakathi kwezethameli zecala bekukhona uyise ka-AKA uTony Forbes, uNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele, uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, abebehleli ndawonye phambili ebhentshini lokuqala enkantolo.
Ngesikhathi ethekela enkantolo uForbes, ubonakale ephahlwe abaqaphi abathathu, wangena enkantolo, wabamba ithambo kuCele kanjalo nakuMkhwanazi (umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal).
Bekunyinyitheka nezintatheli ezivela emithonjeni eyehlukene, kudilike ngisho nezaseGauteng, ukuzocoshela ukusuka nokuhlala kokuvela kokuqala kwabasolwa.
Ikhona nekhona lenkantolo bekukhona abakwasidlodlo, abaningi babo besho ngezinhlokohlela zezibhamu. Abanye bebekanise emagcekeni enkantolo, bemi izixongololo beqaphe wonke umnyakazo owenzekayo.
Abasolwa, okungoMnuz Lindelani Thabani Mkhwanazi (30), Lindani Zenzele Ndimande (35), Siyanda Eddie Myeza (21), Mziwethemba Harvey Gwabini (36) noLindokuhle Lindo Ndimande (29), bangene belandelana eduze, beholwa amaphoyisa amabili abalande phansi ezitokisini.
Bonke bebedlubhe izifonyo, abanye baze bafaka nezigqoko zamajakhethi ngenhloso yokuzifihla ubuso. uForbes, uCele noMkhwanazi bebehleli ebhetshini elingemuva kwebhokisi labasolwa.
Umsolwa wokuqala, uMkhwanazi ubedlubhe ijakhethi empunga, enesigqoko, wafaka nebhulukwe elimnyama le-Adidas.
Umsolwa wesibili, uNdimande (Lindani), ubefake isikibha esinemikhono emifishane, esimnyama se-Adidas kanjalo ne-jean emnyama.
Umsolwa wesithathu, uMyeza obedle ngokuba mncane ngomzimba, ubegqoke isikibha esinemikhono emifishane se-Nike esinembobo ngemumva.
Umsolwa wesine, uGwabini obebukeka eyincwasimende, ubeshaye ibhantshi lesudi, isikibha ne-jean.
Kuthi uNdimande (Lindokuhle) yena efake i-jean ekhanyayo, nejakhethi emnyama, abedlubhe nesigqoko sayo.
Ezinyaweni bonke bebegqoke ophaqa. Bebengabukeki bethukile futhi bebengalokhu beqalaza izethameli.
Kubuye kwaqapheleka nokuthi bebelokhu bewagobise njalo amakhanda, bencisha ubuso abemithombo yezindaba abebehlome beyizingovolo ngamakhamera namaselula.
Emva kokuthatha ikhefu lesikhashana, iMantshi uMnuz Vincent Hlatshwayo, ibuye ingasagayelwe mphako, ibuza ukuthi yisiphi isizathu esiqinile esiholele ekutheni abasolwa bazifihle ubuso phambi kwenkantolo?
UHlatshwayo uthe akasazi isizathu sokuzifihla kwabo njengoba lungeke lubekhona uhlelo lokukhonjwa kwabasolwa oluzokwenziwa.
Bagcine bezisusa izigqoko abebezigqokile abanye, baphinde bakhumula nezifonyo.