INHLANGANO ekhokha izibonelelo kuleli iSouth African Social Security Agency (SASSA), isiqinisekise ukuthi akekho umuntu ongeke asithole isibonelelo sakhe noma kuthiwa akakashintsheli ekhadini elisha lasePostbank.
Le nhlangano ithe abangakawashintshi amakhadi, bangaya kunoma yiliphi ibhange bavule i-akhawunti ukuze bakwazi ukuhola.
Okhulumela iSassa, uMnuz Paseka Letsatsi, uthe kunalabo abebesabalalisa imiyalezo engelona iqiniso bethi zizohoxiswa ezinye izibonelelo ngoba kudingeka imininingwane ethile.
"Lo myalezo awulona iqiniso, ungamanga. Phansi amaphaphu akekho ozovalekelwa yisibonelelo sakhe. Imininingwane ethinta izibonelelo ikhishwa yiSassa ezinkundleni zale nhlangano," usho kanje.
Ikomiti lezeNhlalakahle ePhalamende, lithe abangakawashintshi amakhadi abo ayigolide akwaSassa, bazoqhubeka bathole izibonelelo zabo.
Usihlalo wekomiti uNksz Bridget Masango, uthe ibhange loMbuso iSouth African Reserve Bank, iyalele iSassa ukuthi iqinisekise ukuthi abasenamakhadi amadala bayaqhubeke basithole isibonelelo sabo.
Uthe leli bhange likubeke kwacaca ukuthi alifuni kube nokuphazamiseka ekukhokhweni kwezibonelelo.
"Ibhange loMbuso lithe wonke umuntu kumele asithole ngendlela isibonelelo, onekhadi elisha kanjalo nonekhadi elidala. Alifuni kube nabangeke bahole, okuwumyalelo ocace bha ovela kuleli bhange."
Kuke kwaba nengebhe yokuthi abangawashintshile amakhadi bangase bangazitholi izibonelelo zabo.
Lokhu kulandela ukuhamba kancane kohlelo lokushintsha amakhadi phambilini obekwenziwa ngukuthi baningi abantu abathutheleka ezitolo obekushintshwa kuzona amakhadi, bafike kugcwele.
Abashintsha amakhadi bebekhala ngokuthi uhlelo lwasePostbank, belusiza abantu abambalwa ngosuku, abanye bebeze bagoduke bengasizwanga ekubeni bebesuke befike ngovivi.
Ikomiti lasePhalamende lithe lizoqhubeka liqaphe ngelokhozi ukuthi akekho ongasitholi isibonelelo njengoba kunomyalelo ofuze lo ovela eBhange loMbuso.
ISassa ithe abantu ababheke izinkundla zokuxhumana zale nhlangano ngemininingwane ethinta izibonelelo.
Lezi zinkundla zithi:
- Facebook (SASSA News),
- X (@OfficialSASSA),
- TikTok (@officialsassanews)
- WhatsApp (SASSA_Official)
- YouTube (South African Social Security Agency)
- Instagram (sassa10_za)