BAHLEKA bodwa abasebenzi base-Eskom emuva kokuthi izinyunyana zabo ziphumelele ukuthi banyuselwe umholo ngo-7%.
NgoLwesine i-Eskom imemezele ukuthi isayine isivumelwano seminyaka emithathu nezinyunyana ezimele abasebezi okuyiNational Union of Mineworkers (Num), National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) neSolidarity.
Ukusayinwa kwalesivumelwano kusho ukuthi kusukela ngoJulayi 1 walo nyaka kuze kube wuJuni 30, ka 2026, amaholo abasebenzi azonyuka ngo-7%.
Abasebenzi bazogixabezwa ngoR10 000 kunyaka wokuqala baphinde bawunikwe futhi ngonyaka wesibili wesivumelwano.
Kuzobhekwa kabanzi udaba lokungalingani kwamaholo, iJan Smith Loan, ukusetshenziswa kwezimoto zenkampani kanjani nomhlomulo wamaselula kulezi zinyanga eziwu-12.
Kuzobuye kubhekwe imihlomulo etholwa abasebenzi nsukuzonke, ukukhokhelwa kwemali abayisebenzisa uma behambile bese kumiswa kancane ukuvalwa kweziteshi zikagesi.
UNobhala Jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthe ukuphumelela kwabo wukuphumelela kwabasebenzi ngoba bagcina ukukhushulelwa imali ngendlela ekahle ngonyaka wezimali ka-2016.17.
Uthe bazosebenzisana ne-Eskom ukuze iqhubeke nokulungisa ingqalasizinda yayo ize ibe nozinzo.
Uveze ukuthi basebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izingxoxo azifinyeleli kwangqingetshe.
Isikhulu esiphezulu sase-Eskom, uMnuz Calib Cassim, sithe lesi sivumelwano sizobasiza ukuthi kube nozinzo kule nkampani bese bebheka izindaba ezisheshayo.
Uthe bagcina eminyakeni ewu-10 edlule ukuthi bakwazi ukuhlala phansi nezinyunyana bafinyelele kwisivumelwano salolu hlobo.