UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa uqinise idolo imindeni yabantu abangu-18 ababulawe eNgobozana, eLusikisiki wathi amaphoyisa azobathola ababulali.
Uphawule kanje izolo emuva kokuthi amaphoyisa ase-Eastern Cape ethe alandela umkhondo futhi anethemba lokuthi azobabopha maduze abasolwa.
URamaphosa uzwakalise ukudabuka kwakhe, wadlulisa amazwi enduduzo emindenini eshonelwe wase ebafisela ukululama okusheshayo abagilwa abasindile.
Kulokhu kuhlasela kwangempelasonto, ezigamekweni ezimbili, kushone abantu besifazane abangu-15. Usana olunezinyanga ezimbili lusindile lwatholwa lulele phezu kukanina obesebanda.
Kuthiwa lugcinwe osonhlalakahle endaweni ephephile. Izolo izihlobo zabagilwa eziqhamuka ezindaweni ezikude zihlanze indawo yesigameko ebigcwele igazi.
“Ngeke sivumele ukuthi kugcine izigebengu. Sibuzwa sonke ubuhlungu obulethwe yilesi sehlo esinonya futhi sihlangene ekusibabazeni nasekugxekeni abenzi baso abazosijezela,” kusho umengameli.
Umphakathi wakule ndawo uthe usuhlalele ovalweni ngoba seziphenduke insakavukela izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo kodwa okwakamuva kwenze kwabanda amathumbu.
URamaphosa ubaqinise idolo wathi amaphoyisa ayasebenza futhi ayakwazi ukusombulula ngisho amacala obugebengu obuhleliwe futhi unethemba lokuthi azosithola isisombululo ngesigameko saseLusikisiki.
Ube esenxenxa amalungu omphakathi wathi kumele akhululeke, aludlulisele kubaphenyi ulwazi analo olungalekelela ekutheni kuboshwe abahlaseli ukuze abe nobufakazi obuqanda icala enkantolo.
Kulandwe nochwepheshe babaphenyi nabacubungula indawo yesigameko abavela kuzwelonke nasesifundazweni i-Eastern Cape ukuba baphenye.
Ihhovisi likamengameli lithi ngaphandle kwesigameko sakamuva, bangu-38 abantu ababulawe ezehlakalweni ezifuze esaseLusikisiki esikhathini esiyiminyaka emibili, kwaboshwa abasolwa abangu-25.