INKANTOLO ithole ukuthi kunecala eliqinile okufanele babhekane nalo abasolwa abane ecaleni lokweqa kukaThabo Bester ejele laseMangaung nokuyisigameko esenzeka ngoMeyi wngonyaka odlule.
Munye kuphela umsolwa othole ibheyili nokungumsolwa wesishiyagalombili uNksz Anastassia Jansen.
Laba basolwa babuye kule nkantolo ngemuva kokuthi kuhlehliswe ukukhishwa kwesinqumo mayelana nezicelo zabo zebheyili.
NgoLwesithathu olwedlule inkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, yaguqa ngemuva kokulalela izethulo zabameli babasolwa noMbuso ngesicelo sebheyili kuleli cala lokweqa kukaThabo Bester ejele laseMangaung.
Abameli babasolwa basonga izethulo zokugcina, baphendula nemibuzo yomshushisi wuMbuso ngabakuveze ngesikhathi benza izethulo zabo, becela ibheyili.
UMnuz Katlego Moruri, ongummeli kamsolwa wokuqala uMnuz Senohe Matsoara, nomsolwa wesikhombisa uMnuz Tieho Makhotsa watshela inkantolo ukuthi amakilayenti akhe anikele ngezincwadi zawo zokuvakasha (ama-passport) nokusho ukuthi ngeke abalekele kwamanye amazwe, uma enikezwa ibheyili.
UMoruri washo lokhu ephendula umbuzo wokuthi kungani ezethulweni zakhe engakuvezanga ukuthi abasolwa bake baya eLesotho?
UMnuz Masilo Koenane, ongummeli womsolwa wesithupha uMnuz Mutenyane Masukela, noMnuz Gary Botha ongummeli womsolwa wesishiyagalombili uNksz Anastassia Jansen, bebegxile emaphuzwini okuthi amakilayenti abo anezingane azibhekile, ezingaphazamiseka uma begqunywa esitokisini kuze kuphothulwe icala.
UMbuso uzame ukukuhlaba lokho wathi isizathu sokuthi umuntu uhlala nezingane zakhe akusho ukuthi uyazondla kepha kuchithwe masinyane abameli, besho ukuthi empeleni izingane zabasolwa zondliwa yibona.
Abacela ibheyili ngoMnuz Senohe Matsoara, Teboho Lipholo, Motenyani Masukela, Tieho Makhotsa noNksz Nastassja Jansen, bonke baboshwa kulandela ukweqa kukaBester ejele laseMangaung, obesetanase ngaphandle izinyanga, kucatshangwa ukuthi washa wangqongqa egunjini lakhe ngemuva kokuqubuka komlilo.
IMantshi uMotlholo Khabisi uqale ngokufunda uhlu lwamacala nezethulo ezenziwe yizinhlangothi zonke neqhaza eladlalwa ngumsolwa ngamunye etulweni lokweqa kukaBester.
IMantshi ithe iyakholwa wukuthi likhona icala eliqinile kumsolwa wokuqala kuya kowesine. Ithe laba baphula imigomo okwakufanele bayigcine yomsebenzi ababethenjwa ngawo ukuthi bawugcine. Ngaleyo ndlela laba basolwa banqatshelwe ibheyili.
Umsolwa wesishiyagalombili uNksz Anastassia Jansen nguyena yedwa othole ibheyili kaR10 000 ngemigomo ethi ufanele wukusayina njalo esiteshini samaphoyisa esiseduzane naye njalo ngoLwesihlanu ngo6 ekuseni nango-6 ntambama. Akufanele axhumane nabanye abathintekayo kuleli cala futhi angaphumi eBloemfontein.
Icala lizobuyela enkantolo ngomhla ka 20 ngenyanga ezayo.