BAZOBANJELWA imali abasebenzi bakahulumeni abazozibandakanya nesiteleka sokukhalaza ngokunganyuswa kwamaholo emuva kokuchithwa kuka-3% ngezinye zezinyunyana.
UMqondisi jikelele emnyangweni weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha uNksz Yoliswa Makhasi, ukhiphe isekhula enguNombolo 51 ka-2022, eyibhekise kuyona yonke iminyango kahulumeni kuleli, ukuthi isebenzise lo mgomo emuva kokuba izinyunyana okubalwa i-PSA zithole imvume yokuthi zingateleka.
Okwamanje amalungu ale nyunyana asabhikisha ngamakhefu kanti athembise ukuthi ngelizayo kuzoba nokhukhulela ngoqo wombhikisho uma kungukuthi uhulumeni akezi nokungcono.
Kule sekhula uNksz Makhasi uthe bathole isixwayiso sokuthi le nyunyana izobhikisha ngakho amalungu ayo anelungelo lokwenza lokhu kodwa kumele kusebenze lo mgomo.
Uthe labo abenza imisebenzi ebucayi bona kabavumelekile ukubhikisha noma kungathiwa yizikhathi zamakhefu.
“Umgomo wokuthi ongasebenzanga akaholi kumele usetshenziswe. Kumele usebenze kulabo abalove usuku lonke kanjalo nabalove ingxenye yosuku. Abahola ngehora kumele babanjelwe imali yamahora abangawasebenzanga, abaqashwe ngokugcwele kumele bona bakhokhelwe ngokwamahora abawasebenzile.”
Uthe leyo minyango engeke iyibambe imali izobe iphula imigomo yomthetho iPublic Finance Management Act ka-1999.
“Lokhu kusho ukuthi imali kumele ibanjwe ngenyanga okube ngayo nesiteleka uma kwenzeka noma ngenyanga elandelayo. Akumele kube nabazonikwa ilivu ngalesi sikhathi ngaphandle uma kunezimo eziphoqayo. Akumele abasebenzi banikwe ilivu ngoba befuna ukuya esitelekeni.”
Ubalule nokuthi nsuku zonke kumele kulethwe isibalo sabasebenzi abatelekile, kanjalo nomthelela wesiteleka nsuku zonke ekuseni nantambama.
Lolu lwazi uthe lungahanjiswa kuNkk Lungile Ngqoyi Khumalo kwi-email ethi: [email protected]
Uyalele iminyango ukuthi ilandele yonke imigomo ebekiwe ethinta isiteleka.
Usho lokhu nje ezinye izinyunyana ngaphansi kweCosatu zizwakalise ukucikeka ngokuthi uhulumeni akagudluki ekunyuseni amaholo ngo-3%.
Enye yezinyunyana ezinkulu zothisha engaphansi kweCosatu, iSadtu, iphumele obala yathi ngeke ibe yingxenye yalesi siteleka ngoba amalungu ayo ayalela abaholi ukuthi bamukele lesi siphakamiso samaholo sikahulumeni.
Uma lesi siteleka siqhubeka kuzoba ngokokuqala kuba nesiteleka esifuze lesi ngaphansi kukaMengameli Cyril Ramaphosa.