BABILI abakhalelwe amasongo kaSigonyela ngecala lokubulala usomatekisi esigamekweni esenzeka ekuqaleni konyaka.
NgoJanuwari 22 nonyaka uSimiso Gumede wavinjezelwa ngenhlamvu ngabasolwa abangaziwa esesitolo eManzimtoti.
Abasolwa baqala ukumdubula esegaraji, waphuma emotweni wabalekela esitolo nokuyilapho ashonela khona.
Abasolwa ababili, abaneminyaka engu-33 no-36, kuthiwa bazinikele bona amaphoyiseni ngokuyalelwa wummeli wabo ngemuva kokuzwa ukuthi amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ebathungatha.
“Abasolwa ababili bazovela phambi kweMantshi yaseMlaza ngoJuni 15 ngecala lokubulala usomatekisi,” kusho uConstable Thenjiswa Ngcobo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.