AMAQEMBU abusa ngokubambisana athi azowapheka ngebhodwe elincane aze athi 'tshiyo tshiyo sengivuthiwe' amaqembu aphikisana nohulumeni wokubambisana oqale ngemuva kokhetho lukaMeyi 29 nonyaka.
Amaqembu abusa ngokubambisana athe awakhohlwe amaqembu afungela uhulumeni wokubambisana ngokuthi ngeke uhlale isikhathi eside.
Akusho lokhu ngesikhathi kunenkulumompikiswano ePhalamende, lapho bekuphikiswana ngenkulumo kaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
Amaqembu abusa ngokubambisana okubalwa i-ANC, DA, IFP nePA, athe azokwenza isiqiniseko sokuthi uhulumeni wokubambisana awushabalali.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe ngeke balunge abasongela uhulumeni wokubambisana. Uthe labo abagxeka uhulumeni wokubambisana yilabo abangafuni ukuthi izwe liye phambili.
“Sekunesikhathi eside sivumela abantu ukuba bacekele phansi izwe ukuze kuzuze bona, baphazamise ukukhula komnotho. Imiphumela yokhetho olwedlule isinike ithuba lokuba senze izinto ngendlela eyehlukile. Laba abafuna ukucekela phansi izwe ngeke balunge uma sihlangene.”
USteenhuisen uthe ukubambisana kwabo akusho ukuthi bazohlala bevumelana ngaso sonke isikhathi.
Umholi wePA, uMnuz Gayton Mckenzie, uthe bazosala bodwa labo abafungela uhulumeni wokubambisana.
“Isitimela siyahamba, asimile. Asibayeke laba basale kanje. Into eyenza ukuthi belokhu besisola ngokuthi sidayise ngabantu yingoba bona bagibele isitimela okungesona. Bengingabe ngidayise ngabantu ababengikhankasela ukube angizange ngingene kuhulumeni wokubambisana.”
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe bazimisele ukuletha uzinzo kuhulumeni wokubambisana.
“Abantu ngesikhathi bevota bathi bafuna ukuthi amaqembu abambisane. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi uhulumeni wokubambisana uyasebenza.”
UHlabisa uthe uhulumeni wokubambisana uzoshintsha izimpilo zabantu.
Usotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bazimisele ngokusebenzisana nawo wonke amaqembu anezihlalo ePhalamende.
Umholi weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, uthe uhulumeni wokubambisana wakhiwe abantu abathanda izikhundla. Uthe ukuba lamaqembu aphethe ngokubambisana awazithandi izikhundla abezoyidedela iMK, iphathe KwaZulu-Natal.
“Angithi kuthiwa i-ANC iyona okufanele ihole uhulumeni kazwelonke ngoba iyona eyathola amavoti amaningi, pho kungani iMK ingayekwanga iphathe KwaZulu-Natal? IMK iyona eyawina KwaZulu-Natal.”
UHlophe uthe iDA iyona eshaya amaphiko kuhulumeni wokubambisana. Uthe abaguquki ekufuneni ukuthi kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe kubajabulisile ukubona i-ANC ihluleka ukunqoba ukhetho ngamalengiso.
UMalema usole uRamaphosa ngokuphinda izinto azisho enkulumweni ayethula ngoFebhuwari.
“Ulenza kanjani lelo phutha? Le nkulumo iyona eyenza ukuthi nilahlekelwe okhethweni. Kusho ukuthi awufundanga lutho.”
URamaphosa uzophendula ngoMsombuluko.