ISILO uMisuzulu kaZwelithini siyihleke usulu indaba yezinkinga zezinkantolo esibhekene nazo, sathi uZulu uyayazi inkosi yawo, labo abasiphikisayo bayoze bavume. INgonyama ibikhuluma emcimbini wokwethulwa kohlelo lwamanzi enkundleni yezemidlalo eZibukweni, eJozini.
Umcimbi ubuhlelwe wuMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle futhi ubuhanjelwe wuNgqongqoshe, uMnuz Senzo Mchunu nezinye izikhulu zikahulumeni. UNomthebe wesizwe sikaZulu ubemenywe ukuthi azokwethula inkulumo kulo mcimbi.
Indaba esegudwini kulezi zinsuku wudaba lwesinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli, esithe uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa akalandelanga imigudu enika iSilo isitifiketi. URamaphosa wanika iSilo isitifiketi sobukhosi ngo-Okthoba 2022, phambi kwezinkumbi zabantu enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Udaba lwasenkantolo belufakwe wuMntwana uMbonisi kaBhekuzulu uyise omncane weSilo esibusayo.
Umbango wobukhosi bukaZulu, waqala ukushisa phansi emuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngoMashi 2021. ISilo salandelwa eduze wuNdlunkulu uMantfombi uMaDlamini Zulu, ozala iSilo esibusayo.
ISilo sitshele abantu ukuthi akonakele lutho, inkosi iyodwa KwaZulu.
“Ngiyazi ukuthi nithi noma ningibheka nithi hheyi kazi ucabangani ngoba izinkantolo zimhlezi entanyeni. Sizwe sikaMageba, ngeke ngithini ngoba nani niyawazi umthetho wezinkantolo. Angikwazi ukuphawula ngalolu daba. Ngininikeza udolo qina wokuthi akonakele lutho, inkosi yenu niyayazi. Bayoze bathi bhuti nazo izinkantolo lezi,’’ kusho iSilo siqhuma yinsini.
Umphakathi obugcwele itende unanele ngenhlokomo kukikizwa nensini iqhuma phezulu. ISilo sithe kuhle impela uma abantu behleka ngoba ukuhleka kuyaluxosha usizi. ISilo siphinde sacela ukuthi kukhulekelwe indlunkulu ngalesi sikhathi sathi siyamethemba uNkulunkulu.
“Ngicela ukuba nisikhulekele siyindlunkulu nikhulekele nawo amacala lawa akhona...kodwa uNkulunkulu uzoba naso isizwe sikaZulu ayimele indlela eyiyo neqiniso,’’ kusho iSilo.
ISilo sikhuluma kanjena nje, uMengameli uRamaphosa usanda kumemezela ukuthi uzofaka isicelo sokwedlulisa isinqumo senkantolo emchithile. URamaphosa uthe nakuba udaba luqhubeka ezinkantolo kodwa iSilo sisekhona siyabusa.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Africa Zulu wendlu yasOnkweni, esitatimendeni asithumele, uthe bayabonga ngegxathu likamengameli lokufaka isicelo sokwedlulisa udaba.
“Siyasemukela futhi siyasincoma isinyathelo sikamengameli nokuthi aqinisekise ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini yisona esisesihlalweni. ISilo sizoqhubeka sisebenze ngokuzinikela sibeke phambili inhlalakahle yabantu baso,’’ kusho uMntwana u-Africa.