AZINEME izinyunyana ukuthi kuzodilizwa abasebenzi ababalelwa ku-6 000 ePosini njengoba sekuqala uhlelo lokuhlengwa kwe-SA Post Office (Sapo).
ICommunication Workers Union (CWU), ithe kuzohlupheka abantu basemakhaya njengoba kuzovalwa inqwaba yamaposi.
UNobhala we-CWU, KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Mzileni, utshele Isolezwe ukuthi ababhekelele ukuhlengwa kweSapo, bathe bazodiliza abasebenzi abawu-6 000 kwabawu-11 000 abaqashwe yile nhlangano.
“Asihambisani nokuthi kudilizwe abasebenzi njalo uma ababhekelele ukuhlenga izikhungo zikahulumeni, becabanga ngokonga imali. Ukudilizwa kwabasebenzi abawu-6 000 kusho ukuthi kuzovalwa u-50% wamaposi. Kuzohlupheka abantu basemakhaya ngalesi simo ngoba yibona abalisebenzisa kakhulu iposi nengqalasizinda yalo,” kuchaza uMzileni.
Uveze ukuthi abantu basemakhaya bonga imali yabo ePostbank etholakala emaPosini, babuye bathumele impahla ngalo, balande imithi kanti abanye bebehola nezibonelelo zabo khona.
“IPosi liseduze nabantu basemakhaya ngoba izinxanxathela zezitolo baze bazithole edolobheni. Iningi labo lihola izibonelelo zikahulumeni ePosini, longa khona imali futhi lilanda impahla esuke ithunyelwe isuka emadolobheni. Kubuhlungu ukuthi kuzodilizwa abantu kodwa kubuhlungu kakhulu ukuthi kuzohlupheka abantu bakithi emakhaya,” kubeka uMzileni.
Uthe bazozama ukuhlenga imisebenzi yabantu ngoba bazoba yingxenye yezingxoxo zokudilizwa njengenyunyana enamalungu amaningi.
UNksz Helgard Cronje, oyiPhini likaNobhala wenyunyana iSolidarity, uthe kunezingxoxo eziqhubekayo zokudilizwa kwabasebenzi eSapo.
“Simatasa ukuqinisekisa ukuthi amalungu ethu awaphumi engazitholanga izimfanelo zawo eSapo. Amalungu ethu akweletwa imali yempesheni, eye-medical aid nokunye okuningi. Ukuvalwa kwamaposi kusho ukuphela kwemisebenzi, ukufadabala komnotho wasemakhaya njengoba izinkampani eziningi zizothatha umsebenzi obuwenziwa yiPosi. Kubi ukuthi iSapo iyawa ekubeni amaposi esiza izigidi zabantu emakhaya,” kusho uCronje.