BABINGELELE imantshi abasolwa abane abahluleke ukuchazela amaphoyisa ngezimbuzi ebezisebhuthini yemoto abebehamba ngayo yohlobo lweMercedes Benz.
Laba basolwa abane, abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-37 ubudala, bavele eNkantolo yeMantshi eSenwabarwana ngoMsombuluko ngemuva kokukhalelwa amasongo kaSigonyela ngeSonto betholakala nezimbuzi zilayishwe ebhuthini yemoto abebehamba ngayo kuN11 ngaseSteiloop.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthi amaphoyisa alunywe indlebe ngabasolwa abashushumbisa izimbuzi zokwebiwa ngaseSteiloop.
“Kusize umphakathi olume amaphoyisa indlebe ngesikhathi ubona le moto ihamba eSteiloop. Ngemuva kokuphekwa ngemibuzo kwabasolwa, kucacile ukuthi imfuyo akuyona eyabo.”
Umnikazi walezi zimbuzi uzifikele mathupha kule ndawo wakhomba imfuyo yakhe athe ngempela yebiwe. Abasolwa baboshwe ngaleso sikhathi babekwa icala lokweba imfuyo.