INHLANGANO yamatekisi, iSouth African National Taxi Council (Santaco), ikhala ngokuzwela kokunyuka kukaphethroli ngemali enkulu.
UNkk Mmatshikhidi Rebecca Phala, obhekelele ezokuxhumana kwiSantaco ezweni jikelele, uthe bushaqekile ubuholi beSantaco ngokunyuka kukaphethroli nodizili mawala.
“Kulokhu unyuke kakhulu futhi abanikazi bemboni bakhathazekile ngoba lokhu kusho ukuthi zizokwanda izindleko zabo njengoba bezosebenzisa imali eningi ukugcwalisa uphethroli.
“Imali yezipele nayo inyukile kanjalo namathayi kufanele athengwe. Lokhu kwandisa izindleko,” kusho uNkk Phala.
Uthe iSantaco yanquma eminyakeni edlule ukuthi imali inyuswa ngoJulayi kodwa ososeshini abahlukene baye bazithathele izinqumo ngalo ludaba bebuka isimo abasebenza ngaphansi kwaso.
Uveze ukuthi ososeshini abakade bengakayinyusi imali kulo nyaka kungenzeka bayinyuse njengoba uphethroli usuphinde wanyuka.
“Isimo sokunyuka kukaphethroli sisisebenzisela emuva siyimboni yezokuthutha. Sishaywe yizinkinga eziningi okubalwa iCovid-19, izikhukhula nezinye izigameko zemvelo.
“Siyacela uhulumeni ukuthi axhase imboni yamatekisi ngoba ithutha izigidi zabantu abaya emsebenzini, ezikoleni nakwezinye izidingo. Kufanele enze njengoba exhasa eyamabhasi nezitimela,” kusho uNkk Phala.
Uthe abaqondi ukuthi uhulumeni wenzani ukulungisa inkinga yentengo kaphethroli ngoba kufanele ehlise intela ekhokhwayo ukuze uma sekubiza izithako zawo noma kubiza uwoyela ongahluziwe, abantu bakuleli bangathwali ijoka elinzima.
Abantu bezindawo eziseNyakatho yeTheku okubalwa Osindisweni, Buffelsdraai, Redcliffe nezinye bebekhala ezinkundleni zokuxhumana njengoba umkhandlu wososeshini abasesifundeni iGreater North umemezele ukuthi imali yokugibela izonyuka ngoR2 kusukela ziwu-12 kuSepthemba.
Ngokwalesi simemezelo abebekade bekhokha uR18 ukusuka Osindisweni beya eVerulam sebezokhokha uR20.
UMnuz Themba Kubheka obhekelele ezokuxhumana kwisiFunda iGreater North, uthe imali yokugibela bayinyusa kanye ngonyaka yize uphethroli unyuka kaningi.
Uthe kunzima kuwo wonke umuntu ngoba impilo iyabiza eNingizimu Afrika, wabalula nokuthi banamatekisi okufanele bawakhokhele oR17 000 njalo ngenyanga.
Uveze ukuthi iSantaco yavumelana ukuthi imali yokugibela inyuswe njalo ngoJulayi wathi abanye ososeshini sebeyinyusile nabo njengoba beyinyusa manje ibingakaze inyuke phambilini.
UMnuz Mervyn Abrahams wenhlangano eyenza ucwaningo ngesimo senhlalo nentengo yegilosa, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, uthe ukunyuka kukaphethroli nodizili ngoR1.71 kuzonyusa izindleko zokudla ezitolo.
Udizili unyuke ngoR2.76 ippm 500 okusho ukuthi ilitha layo selizobiza uR23.05 nangoR2.84 ilitha le-50ppm selizoba wuR23.28.
U-Abrahams uthe iningi labesifazane elenza igilosa ligibela amatekisi uma liyothenga, lokhu kusho ukuthi sekuzoncozuka imali yegilosa njengoba bezokhokha ethe xaxa uma begibela nenye eyengeziwe uma sebethenga ukudla ezitolo.