UMNDENI wowesifazane wasesiGedleni, ePort Shepstone, okuthiwa ubulawe nguyise wengane (7) yakhe ibuka, uthi uzamukele izindaba zokuboshwa kukamsolwa.
UNksz Ntombikayise “Nomquh” Mzize (25) kuthiwa ugwazwe amanxeba angu-14 wumsolwa kubo ngoMgqibelo, emva kokuthi enqabe ukuhamba naye ayomvakashela.
Uyise kamufi, uMnuz Mlungisi Mthembu, uthe uthole ucingo izolo, luvela kwelinye lamaphoyisa asingethe icala, limazisa ukuthi umsolwa useboshiwe.
“Lithe uboshwe ngoMsombuluko ntambama, emva kokuthi eshayele ucingo amaphoyisa wawacela ukuba amlande endaweni yaKwaMadlala, lapho abebhace khona,” kusho uMthembu.
Uveze ukuthi bajabule ngokuboshwa kukamsolwa ngokushesha emva kwesigameko.
“Yize kungeke kusayibuyisa ingane yethu kodwa kuyasithoba amanxeba ukuthola ukuthi usevalelwe,” kusho uMthembu.
Uthe sebethandazela into eyodwa vo, ukuthi kungenzeki ubudedengu bokuthi akhishwe ngebheyili umsolwa, bambone esehamba hamba emphakathini futhi.
“Asifisi ukubuye simbone emphakathini wethu kulandela isihluku asenze sona. Esifuna ukukubona kwenzeka ukuthi abolele ejele,” kusho uMthembu.
Ngosuku lwesigameko, kuthiwa umsolwa wagwaza wabulala umufi ekhona amanye amalungu omndeni egcekeni.Kuthiwa indlu ayelele kuyo umufi iqhelelene naleyo okwakulele kuyo uyise.
“Kwakuyizintatha ngesikhathi ngizwa kukhala kabi umnyango, ngavuka ngaphumela phandle ngifuna ukubona ukuthi kwenzekani. Ngahlangana nendodakazi yami eneminyaka engu-18 iza endlini engangilele kuyo, izosho ukuthi angize masinyane ngoba ubaba wengane kaNomquh uyamshaya,” kusho uMthembu.
Uthe waphuthuma khona, wafike wathuka uma esebona indodakazi yakhe ilele ethantaleni legazi.
Kuthiwa ngaphambi kokuthi umphefumulo uphume, uNomquh usho amagama ambalwa, esho ukuthi nguyise wengane yakhe omgwazile.
Uthe isigameko sibaphathe kabi ngoba bengabantu abadala bese bemkhuze kaningi umufi ngoyise wengane yakhe okuthiwa ubemhlukumeza.
Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-29.
“Uzovela enkantolo namuhla,” kusho uConst Ngcobo.