UFUNA angayitholi ibheyili umsolwa, umndeni womfundi waKwaDumisa eMzinto okuthiwa umbulale ngasekupheleni kwenyanga edlule.
Isidumbu sikaZinhle Khathi (18) obefunda u-matric eSiphapheme High satholwa egumbini ayelala kulo ngo-Ephreli 25 ugogo (78) wakhe.
Kusolwa ukuthi umsolwa, onguyise wengane kamufi enonyaka nezinyanga eziyisithupha, wamshaya ngesikhali esithile maqede wadla phansi.
Umamncane kamufi, uNksz Thando Khathi, uthe kubathobe amanxeba ukuboshwa komsolwa.
“Sijabule ngokuthi uboshiwe. Yize kungeke kusambuyisa uZinhle kodwa kuhle avalelwe ejele ngakwenzile (umsolwa),” kusho uNksz Khathi.
Uqhube wathi balindele ukuthi umthetho uqhubeke usebenze, angayitholi ibheyili bese egwetshwa kanzima.
Umufi ubengcwatshwa izolo.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, ukushayele ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa ebopha umsolwa ngokushesha.
Uthe ukubulawa kukaZinhle kushiye abaningi nezinhliziyo ezibuhlungu.
“Umndeni wakhe ubusalindele lukhulu kuye kodwa impilo yakhe yanqanyulwa umuntu onenhliziyo embi. Sizwa kuthiwa ngayizolo, ngaphambi kokuba ambulale, wayekade emshaye ngendlela yokuthi akakwazanga nokuya esikoleni,” kusho uNkk Khoza.
Uthe kuyawathoba amanxeba ukuboshwa komsolwa
“Yize noma singeke sisawubuyisa mphefumulo kaZinhle kodwa kuyasijabulisa ukuthi umuntu osolwa ngokwenza isigameko esinesihluku uboshiwe. Njengoba bonke ubufakazi bukhomba yena, siyethemba ukuthi umthetho uzosebenza, athole isijeziso esimfanele,” kusho uNkk Khoza.
Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi wehlise amaphaphu, ungazijeziseli umsolwa kodwa uyeke umthetho usebenze njengoba usuqalile ngokubopha umsolwa.
“Kufanele siyeke amaphoyisa aqhubeke nomsebenzi wawo ngaphandle kokuphazanyiswa. Ukuboshwa komsolwa ngokushesha kusho ukuthi asebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka,” usho kanje.
Uthe osonhlalakahle basazoqhubeka nokunikezela usizo lokwelulekwa ngokomqondo emndenini kamufi kanjalo nakubafundi besikole abefunda kuso.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseSawoti abophe owesilisa oneminyaka engu-24 ngoLwesithathu.
“Umsolwa onguyise wengane kamufi uyamaniswa necala lokubulala umfundi oneminyaka engu-18 owatholwa efile ngaphakathi endlini yakubo KwaDumisa ngo-Ephreli 25,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi kuthe sekubuya imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu, yaveza ukuthi ufe ngenxa yokushawa kanzima, kwase kuvulwa idokodo lecala lokufa komuntu.
Uthe umsolwa ubanjwe eReservoir Hills, wavela enkantolo ngoLwesihlanu