BATHEMBISE ukuhlonipha uMthethosisekelo wezwe, basebenzele abantu bakuleli ngokuthembeka ongqongqoshe namaphini abo, abafungiswe ngoLwesithathu yiNhloko yamaJaji, uRaymond Zondo.
Le Khabhinethi, edidiyele amaqembu ahlukene abambisene kuhulumeni wobumbano, iqala umsebenzi wayo namhlanje ngokuhlangana nezikhulu zeminyango kanjalo nabebephethe le minyango ukuze bathole umbiko ngobekwenzeka kule minyango.
Abanye babo, ngesikhathi bekhuluma nabezindaba izolo eKapa emcimbini wokufungiswa, baphefumule ngezinhlelo zabo nezinto abazibeke eqhulwini abazozenza.
Bangu-75 abafungisiwe kanti kuqale ngokufungiswa iPhini likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile.
UNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga, okuhlukene imibono ngokujutshelwa kwakhe kulesi sikhundla, uthe uzomelana nobunzima obuza nalesi sikhundla.
Uthe ayikho indawo engenazo izinselelo, wathi nakanjani uzowenza lo msebenzi wakhe.
“Ngizwile kukhona abakhalayo ngokuqokwa kwami, abanye bayangihalalisela. Okuhle wukuthi ukhomanda kulo mnyango ngumengameli wezwe engisazohlangana naye akhiphe umkhombandlela ngakulindele,” kusho uNkk Motshekga.
Uzakwabo eMnyangweni weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, Inkosi Mzamo Buthelezi, uthe ezinye zezinto azozibheka yindaba yesabelomali esiphezulu sabasebenzi bakahulumeni.
UButhelezi uthe uzowenza ngokuzimisela umsebenzi wakhe.
UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uthe uyabezwa abakhale ngeKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa enyinyithekayo, wathi ayinkulu kakhulu uma uqhathanisa no-2 million wabasebenzi bakahulumeni.
“Ziningi izinto okumele sizibheke ezithinta isabelomali. Ibingekho enye indlela ngaphandle kokuthi kube nesibalo salabo ngqongqoshe namaphini abo ngenxa yokuthi kunohulumeni wobumbano.”
UNksz Pemmy Majodina, uNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uthe eyamanzi iyinselelo ezweni kanjalo nasesifundeni i-Afrika.
Uthe kubalulekile ukugcina amanzi ngoba ayashoda.
“Amanzi ayimpilo ngakho sizosebenzisana neminye iminyango. Asifuni ukubona amanzi evuza ngoba ayashoda kakhulu ezweni.”
Uthe usethole izikhalazo ezevile ku-3 000 ngezinkinga zamanzi kuleli.
UDkt Pieter Groenewald, uNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uthe uzolwa nenkohlakalo ezikhungweni okugcinwe kuzona iziboshwa futhi ezigcwele zinyinyitheka.
Uthe uzobheka isabelomali sokuthi lezi zinkinga kungabhekwana kanjani nazo.
“Kubalulekile ukuthi amajele ethu azikhiqizele ukudla okuzodliwa khona. Okubalulekile wukuthi kumele kongiwe imali yabakhokhi bentela.”
Mayelana nezinto ake azisho phambilini njengokweseka isigwebo sentambo, uthe uMthethosisekelo awuvumi ukuthi kube nalesi sigwebo.
“Kakade sizoba nawo umbono kwiKhabhinethi ukuthi into ethile singayilungisa kanjani njengoba singamaqembu ahlukene. Okubalulekile ukubeka abantu bakuleli phambili.”
UNgqongqoshe kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthe nakuba ingaphelile inkinga yokucishwa kukagesi kuleli kodwa likhulu ibanga eselihanjiwe ukubhekana nale nkinga.
“Abantu balindele ukuthi ugesi ungapheli. Yinkinga esilwa nayo. Ugesi usuyabiza, abantu abakwazi ukuwukhokhela. Kudingeka kube nezindlela zokubhekana nale nkinga yokunyuka kwawo.”