IZINHLANGANO zabesifazane ezingenzi nzuzo emphakathi zinikelelwe ngezinsizakusebenza, ukuqinisa emikhakheni eyahlukene ezinyenzayo, okubalwa ezolimo.
IMeya kaMasipala waseMuziwabantu, uMnuz Siboniso Zungu yethule amathuluzi nezinsiza zokutshala emphakathini waKwaMazakhele e-ward 11 eHarding. Kuhlomule abesifazane abangu-30 abalima izitshalo ezahlukene kule ndawo.
Phakathi kwezinhlangano ezihlomulile kubalwa iKwaMazakhele Phase 1 Garden Project neGivers of Hope Home Garden. UZungu uthe bagqugquzela ezolimo kakhulu emphakathini eyakhele umasipala wabo ngoba ziwumgogodla womnotho nokulwa nobubha nasemakhaya.
"Luzolekelela kakhulu lolu hlelo ukusungula namathuba emisebenzi emphakathini," kusho uZungu.
Izakhamizi zale ndawo zizithakasele kakhulu lezi zindaba, zaveza ukuthi lezi zinsiza ziyabakhuthaza ukwenzeni ngcono umsebenzi wazo.
"Kusazoba mnandi eMuziwabantu. Sisalinde okuningi okuzayo," kusho uSimphiwe Nsizwenye Dlamini.
"Sibonga kakhulu. Sesizoqhubeka kahle nomsebenzi wethu," kusho uZinhle Letho Memela.
Ngaphandle kwezolimo kubuye kwaphendulwa isoyi njengoba kuzoqala uhlelo lokusabalalisa ugesi emphakathini. UZungu uthe le phrojekthi kagesi izinze esigodini esiwuPhase 3.