I-IFP ilindele ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, akhulume ngezinhlelo zokusiza ibhange Ithala, elisengozini yokuthi livalwe uma esethula inkulumo ebhekiswe esizweni eCity Hall, eKapa.
Leli qembu lithe leli bhange selisebenze iminyaka litakula osomabhizinisi abamnyama.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bathemba ukuthi uRamaphosa uzoyithinta eyeThala uma esethula inkulumo yakhe yokuqala, engumholi kahulumeni wokubambisana kwamaqembu.
“Simile ekutheni sifuna liqhubeke nokusebenza leli bhange eselisize inqwaba yabamnyama. Sifuna liguqulwe lisebenze njengebhange elifana namanye,” kusho uHlengwa.
Leli qembu lilwa nokuthi lingavalwa ibhange okuyimpi esingenwe nayiSilo samaBandla, uMisuZulu kaZwelithini.
UHlengwa uthe njengoba beyingxenye kahulumeni wokubambisana basamile ekufezeni izethembiso abazenza ngesikhathi bekhankasela ukhetho.
“Sizolokhu siyigcine injalo i-IFP noma siyingxenye kahulumeni. Sisebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi abantu bayazithola izidingo,” kuqhuba uHlengwa.
Uthe balindele ukuthi uRamaphosa athule umhlahlandlela ocacile ngezinselelo ezibhekene nomphakathi.
“Silindele ukuthi ayithinte eyokwakha amathuba emisebenzi, eyokukhulisa umnotho, eyokwehlisa indlala kanjalo nezinye izinto ezibalulekile ebantwini. Abantu bathwele kanzima ngakho silindele ukuthi akhulume ngokwehlisa izinga lokungalingani.”
Uthe balinde nokuzwa ngezinhlelo zokulwa nenkohlakalo ezinhlakeni ezehlukene kuhulumeni.
“Sizimisele ukuqhubeka nokubambisana kuhulumeni ukuze uma kunezinkinga zixazululwe ngokushesha. Sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi okuyizimfuno zabantu kuyafezeka,” usho kanje.
Khonamanjalo, umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, uncome igalelo longqongqoshe baleli qembu kuhulumeni wokubambisana.
Uthe mkhulu umehluko abawenzile ezinyangeni eziyisikhombisa bephethe iminyango ehlukene kuhulumeni.
Ugxeke imithetho esayinwe nguRamaphosa, edala ukuthi kube nokungqubuzana phakathi kwaleli qembu ne-ANC.
Ubalule umthetho womshwalense wezempilo i-National Health Insurance (NHI), nowokubuyiswa komhlaba, athe ukusayinwa kwayo kudala uqhekeko.
“Le mithetho okubalwa nowe-BEE, uhlomulisa kuphela obhululu, ushiye ngaphandle abantu abajwayelekile. Kumele osomabhizinisi batshale imali emiphakathini abasebenza kuyona.”
Uthe bazimisele ngokuthi uqhubeke uhulumeni wokubambisana, kodwa bayayichitha i-NHI nomthetho wokubuyiswa komhlaba.
“Sifuna ama-medical aid aqhubeke ngendlela enza ngayo manje. Umthetho wokuthathwa komhlaba kumele ubuyele ezithebeni zePhalamende. Abantu banelungelo lokuthi bagcine umhlaba wabo,” kusho uSteenhuisen.