ZISALE enkundleni izigebengu ezimbili kulandela ukudubulana kwazo namaphoyisa eVerulam ngoMgqibelo.
Izigebengu, ngokusho kwamaphoyisa, bezifunwa uthuli ngamacala abucayi, abandakanya awokubanjwa kwezimoto zemali, awokugqekeza izindlu nokuhlaselwa kwamapulazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe izigebengu ezimbili bezisohlwini lwezigebengu ezifunelwa amacala ezisolwa ngawo ezifundazweni ezehlukene.
Uthe amaphoyisa avela ezinhlakeni ezehlukene okukhona kuzo iTactical Response Team (TRT), oKlebe nonogada bezinkampani ezizimele abesebenza phezu komkhondo othize abewutholile.
“Avimbe imoto emgwaqweni uJabu Ngcobo Drive, ebebephakathi bathe uma bewabona, bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona. Amaphoyisa abuyisele ngayo inhlamvu nawo nokuthe uma kuphela ukudubulana, kwatholakala izigebengu ezimbili zifile,” kusho uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa agcine ethola isibhamu esisodwa kubafi.
Uveze ukuthi sikhona isigebengu esisodwa esiphunyukile, sabaleka siphethe isibhamu.
“Ukucingwa kwaso kuyaqhubeka,” kusho uNetshiunda.
Udalule ukuthi ababulewe bayingxenye yabangu-15 abazama ukubulala amaphoyisa eTRT ngesikhathi kuphangwa imoto yemali eNkandla ngo-Agasti 2019.
Uthe labo basolwa baboshwa kodwa babalekela inkantolo emva kokukhishwa ngebheyili.