IQHUBEKE ngesizotha inkonzo yesiphambano eyenziwa minyaka yonke ngalolu suku uma kuyiPhasika. Le nkonzo yamazwi ayisikhombisa ebisenkabeni yeTheku phambi kweCity Hall namhlanje, ibihlanganisa abefundisi bamabandla ahlukene, amalungu omphakathi nezikhulu zikahulumeni.
Kulokhu beziholwa phambili nawuNdunankulu wokuqala ngqa wesifazane KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube Ncube obengomunye wabazalwane ebebe bambe isiphambano.
UNkk Dube Ncube edlulisa umyalezo wakhe wephasika kwizakhamizi zakuleli uthe, ngalesi sikhathi nyakenye kwehla inhlekelele yezikhukhula abantu balahlekelwa amalungu emndeni. Uveze ukuthi lesi yisikhathi sokuthi abantu beqaphele kunanoma yini abayenzayo baqaphele nezinguquko zemvelo.
Ngaphandle kwakhe bekukhona noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uMnuz Super Zuma, imeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda nabanye. Amalungu omphakathi aqhamuka ngaphansi kwamandla ahlukene ebephume ngobuningi bawo , amanye egqoke imifaniswano yamabandla abo. Amalungu eCouncil of Churches nawo abonakele ngobuningi baw\o kule nkonzo.
UNdunankulu uNkk Dube Ncube akagcinanga lapho uphinde wahambela ibandla le-UCCSA KwaDukuza ehamba noNgqongqoshe wezaMandla nezokuMbiwa Phansi uMnuz Gwede Mantashe, ilungu lephalamende uMnuz Cyril Xaba.
Isimo sezulu ebesisihle naso kubukeka sibe nomthelela omuhle ekutheni abantu baphumelele ngobuningi kule nkonzo. Nakwezinye izindawo inkonzo yamazwi ayisikhombisa iqhubekile njengoba abantu bebe sabalalisa izintshumayelo nama video besemabandleni.