BASALE nemibuzo iMeya kaMasipala waseDannhauser, uMnuz Sibusiso Kunene, noMntwana uNdabuko Zulu, oyiPhini likaNobhala we-IFP esifundeni, ngesikhathi kufika abalisa bevulela ngenhlamvu bengazelele Osizweni, eNewcastle. UMntwana uNdabuko ngowasendlunkulu endlini yasoNkweni, kodwa uhlala emzini kwaKhiphinkunzi, eNewcastle.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi indlela okwenzeke ngayo isigameko kugcine kungacaci ukuthi bekuyimizamo yokusabisa noma yokusoconga uMntwana uNdabuko noma bekuyizigebengu ezize ngokunye? Kuthiwa abalisa badubule intululwane yezinhlamvu basuka lapho bathatha ikhumbi okusolwa ukuthi bebefuna ukubaleka ngayo.
Kuthiwa abaqaphi bemeya nabakaMntwana uNdabuko, baphendule ngokushesha kwangenwa ezimotweni bahubha abasolwa bashayela namaphoyisa afike ngokushesha avimba ngaphambili.
UMntwana uNdabuko uthi uyasola ukuthi bebezama ukumsoconga ngoba ubesuka emkhandlwini lapho abeyolusa khona ukusebenza kwamakhansela abo futhi bekudingidwa udaba olushubile obelubangwa.
“Kungenzeka ukuthi bebezama ukungidubula impela ngoba bengisuka emhlanganweni obushubile kodwa amaphoyisa azosiza ukufika eqinisweni lonke’’ kusho uMntwana uNdabuko.
IMeya yaseDannhauser uKunene ithe impela basale bezibuza okuningi ngalesi sigameko.
“Ngibone uMntwana uNdabuko esebaleka, ehamba egwaca wathi kukhona abantu abadubulayo. Kwenzeke isigubhukane nje, nathi singazelele kodwa kuyethusa ngoba bayabulawa abaholi. Sithole ukuthi udaba seluphenywa ezingeni eliphezulu siyethemba amaphoyisa azokwenza umsebenzi wawo,’’ kuchaza uKunene.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe akhona amacala aphenywayo ngesigameko, wathi akuwona awokuzama ukubulala osopolitiki.
“Kunamacala aphenywayo, elokuzama ukubulala, ukubamba inkunzi nelokwebiwa kwemoto. Kuvela ukuthi kube nokudubulana phakathi kwabasolwa, abaqaphi namaphoyisa,’’ kusho uLt Colonel Gwala.