NKOSIKHONA CELE
LUZOGXILA ekusizeni izintandane uhlelo lwebandla, iHouse of Christ Family Church (HOC), oluxhasa abafundi ngemali yokubhalisa.
UMfundisi Nhlanhla Khambule, umholi webandla elizinze eMgungundlovu, uthe uhlelo balwenza ngoba bafuna ukuba nomthelela omuhle emphakathini wabo.
Uqhube wathi inhloso yebandla ukuklama indima ebonakalayo emphakathini ngokuthuthukiswa kwemfundo nabantu abasha.
"Siyakholelwa kakhulu ekutheni kumele sibe yibandla elibonakala lenza umehluko emphakathini elikuwona. Asifuni ukuthi sigcine ngokushumayela nje kuphela,’’ usho kanjena uKhambule.
Udalule ukuthi uhlelo lubhekiswe ebantwini abasha abanentshisekelo yokuqhubeka nokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Abafundi abazothola ukusizakala yilabo abaphumelele u-matric. Okwesibili kumele kube yilabo asebezitholile izikhala emanyuvesi.
Umfundisi uchaze imfundo njengomgogodla wekusasa eliqhakazile lezingane wathi yingakho ibandla liyibeka eqhulwini.
Uthembise ukuthi basazoqhubeka nohlelo kuze kusizakala abafundi abaningi.
“Siyibandla nje, kasisiyena uhulumeni futhi asizami nokuthi sivale isikhala sawo kodwa senza esikholwa ukuthi kumqoka.”
Ngokusho kukaKhambule, banohlelo lokulekelelwa kwabafundi ukuba balale ngaphakathi esakhiweni sebandla eMgungundlovu.
"Siye sibathengele izipontshi zokuthi balale. Lokhu sikwenza ngoba sizama ukuvikela abafundi abasanda kufika edolobheni ukuze bangaze bathole usizo lapho okungafanele khona," echaza.
UKhambule, unguSihlalo wenkampani i-Ednivest eyaqopha umlando ngokwakha isikole sokuqala esizimele eMlaza, iCanaan College.
Ngonyaka odlule ibandla belilekelela abafundi ukuze bafake izicelo emanyuvesi. Ngesikhathi kuhlasele icovid-19 lalilekelela abahlwempu ngamagilosa okudla.