AMAQEMBU epolitiki ashaya amakhala ngombiko wokuqala kaMvikeli woMphakathi ngepulazi likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMvikeli woMphakathi osabambile u-Advocate Kholeka Gcaleka umbiko uwuthumelele izinhlaka ezithintekayo ngoLwesihlanu.
Yize kungakabi umbiko ogcwele kodwa uveza ukuthi uRamaphosa akanacala ngesigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe ngoFebhuwari 2020, kwantshontshwa izishaqane zemali yamadola ase-USA.
Kunalokho, umbiko ukhomba ngenjumbane abathile, phakathi kwabo okukhona nowayeyiNhloko yePhiko lwezokuVikelwa kukaMengameli, uMajor General Wally Rhoode ukuthi yibo okufanele baphenywe ngendlela abasingathe ngayo udaba lobugebengu obenzeka epulazini.
Okhulumela i-African Transformation Movement, uNksz Zama Ntshona, uthe kungabamangaza uma kungathiwa, ihhovisi loMvikeli woMphakathi ligcina lithola okuphambene nalokho okwatholwa ithimba lika-Section 89 elaliholwa owayeyiNhloko yamaJaji, uSandile Ngcobo.
Ithimba lathola ukuthi uRamaphosa waphula umthetho ngokuthi amboze ubugebengu obenzeka epulazini lakhe.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe umbiko wokuqala udweba isithombe esikhathazayo.
Uthe kubukeka sengathi ihhovisi loMvikeli woMphakathi alikuqondanga kahle okwakukhalwe ngakho.
“Umbiko ukhombisa ukuphikisana kanti kuyakhathaza ukuthi uMvikeli woMphakathi usebenzise ulwazi lwangaphandle ngesikhathi enza uphenyo. Phakathi kwalo ilolo lwakwaSouth African Revenue Service (SARS) nolwe-South African Reserve Bank (SARB). Kulona akukho nokulodwa okuza nesithombe esigcwele ngokuphumela obala nokuziphendulela kukamengameli,” kusho uSteenhuisen.
Uthe i-DA isazowufunda kahle umbiko bese yenza izethulo zayo kuMvikeli woMphakathi.
Uthe sekucacile ukuthi indaba yasepulazini likaRamaphosa yinto esekude ukuphela ngoba i-DA ngeke iphumule iqiniso lingakahlali obala.
“Ngeke sikwazi ukuthi siphinde sivumele omunye umengameli we-ANC aphunyuke ekutheni aphendule imibuzo ngokuthi asebenzise ubuqili, ukuxhaphaza ukusebenza kwezinkantolo kanjalo nezikhungo zobulungiswa ezilawulwayo,” kusho yena.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) nayo ithe iyakuchitha okushiwo umbiko wokuqala okhishwe uMvikeli woMphakathi ‘olawulwayo’.
Umengameli wayo, uMnuz Julius Malema uthe u-Adv Gcaleka uthe:
“Akekho ongazi ukuthi kwakungelula ukuthi uRhoode wayengenza uphenyo kulolu daba ngaphandle kokwengamela kukaRamaphosa,” kusho uMalema.
Uqhube wathi, okwesibili uRhoode akasiso isikhungo somthetho lapho umuntu engavele asuke aqonde khona ayobika icala okulindeleke ukuthi livulwe emaphoyiseni.
“Ngakho ukuthi uRamaphosa walibika icala lokweba ngoba nakhu watshela iphoyisa elilodwa eliseduze kwakhe, kuyinto emangazayo,” kusho yena.
Uthe abantu asebekhonjwa ngenjumbane umbiko, abafana noRhoode kufanele bazisize ngokuthi bakhulume iqiniso.
“Bazozifaka enkingeni yokubhekana nomthetho ngento abangahlangene nayo uma beqhubeka nokufihla, bengafuni ukuphumela obala ukuthi babethunywe uRamaphosa ukuthi benze okungalungile,” kusho uMalema.
Izinhlaka ezithintekayo zinikwe izinsuku eziyishumi ukuba ziphawule ngaphambi kokuthi u-Adv Gcaleka adedele umbiko ogcwele.