BASABAMBE ongezansi abantu baseShallcross, eChatsworth, eThekwini, ngamathuna abangawazi abawabone esekhona epaki yakule ndawo.
Abashayeli bamatekisi akule ndawo okukhulunywe nabo bathe lawa mathuna abawazi ngoba abengekho nhlobo phambilini.
Kodwa bathi bathuke koma nasozwaneni uma sebebona ngoLwesibili ekuseni kodwa bathi bakholwa ukuthi ukumbiwa kwenziwe ngezithuba zantambama futhi kusekhona abanye ebebesaqedela ukuwamba. Bathe uma bewabheka abonakala njengamathuna ezingane ezisencane.
Ngesikhathi izintatheli zifika amathuna ngasekhanda abebekwe izitini kukhona nezimbali eziluhlaza phezu kwawo.
Abashayeli batshele izintatheli ukuthi omunye umsebenzi kaMasipala weTheku uzifikele mathupha kule ndawo efuna ukuzozibonela obekusabalale ezinkundleni zokuxhumana.
Kuvela ukuthi lena yindawo engaphansi kukaMasipala weTheku eyipaki yomphakathi. Okhulumela uMasipala weTheku uGugu Sisilane unxuse umphakathi wakule ndawo ukuba lolu daba ulubike ngokushesha emaphoyiseni.
Ekhuluma nezintatheli omunye umholi womphakathi uthe kunomndeni nphambilini owawuhlala kule ndawo esisetshenziswa njengepaki manje.
Uthe lokhu yinto yaseminyakeni eminingi edlule mhlawumbe sekwaphela iminyaka engu-50 kuya ku-60 lowo mndeni wathutha. Uthe lowo mndeni wangcwaba amalungu awo kule ndawo.
"Ngesikhathi lo mndeni ufikile eThekwini ngempelasonto eyedlule bekumele kube khona abakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi amathuna abo ayabonakala emphakathini. Bagcina sebewavuselela aseba sobala," usho kanjena.
Omunye wabahlali bakule ndawo u-Ethan Ramkuar futhi oyilungu lenhlangano engenzi nzuzo iSurvival Centre uthe kubamangazile kakhulu ukubona amathuna epaki yomphakathi ekubeni ebekade engekho phambilini. Uthe njengamalungu omphakathi bacela ukuthi luphenywe lolu daba kuvulwe nedokodo ngalo.