BAZOZIFAKA ngesonto elizayo izicelo zebheyili abasebenzi abawu-13 bakaMasipala waseThekwini, ababoshelwe ukuvala umgwaqo eSydneham, abebevele enkantolo yeMantshi eThekwini.
Laba basebenzi bekulindeleke ukuthi izolo bafake isicelo sebheyili kodwa umshushisi, uMnuz Calvin Govender, wathi uMbuso uzokuhlehlisa ukulalelwa kwesicelo salaba basebenzi abangaphansi kwenyunyana, iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu), ngoba usafuna ukuthola olunye ulwazi ngababoshiwe.
Ummeli wabo, ephendula umshushisi, uthe akhona amakheli abo bonke abasolwa kodwa umshushisi wathi amakheli wodwa awenele, basadinga olunye ulwazi oluchaza ukuthi basebenza kuwo yini umasipala bonke, uma kunjalo kumuphi umnyango noma abanye abangamalungu omphakathi.
"Ngesikhathi beboshwa abasolwa kwaba nesiphithiphithi ngoba babebaningi abantu kuleyo ndawo. Kusadingeka ukuthi sithole ulwazi oluphelele ngabo ngaphambi kokuthi bafake isicelo sebheyili," kusho umshushisi.
Imantshi ibe isikuhlehlisela uLwesithathu oluzayo ukulalelwa kwesicelo sebheyili.
UGovender uthe umsolwa ngamunye ubekwe amacala amabili elokudala udlame emphakathini nelokulimaza impahla esemqoka okubalwa nengqalasizinda.
Izihlobo nabeseka ababoshiwe abebegcwele enkantolo badumele ngalesi sinqumo. Bebengafuni ukukhuluma nezintatheli. Ngaphambi kokuthi kuqale icala, abasolwa batshele ummeli wabo ukuthi bafuna ukuthi izintatheli zingavunyelwa ukuthi zibashuthe, uma zivunyelwe zingabavesi ubuso.
Umshushisi uthe: "Inkantolo iyisikhungo somphakathi esivulelekile, ngaphezu kwalokho, ama-video nezithombe zabasolwa zigcwele ezinkundleni zezokuxhumana.“
USihlalo weSamwu eThekwini, uMnuz Siyabonga Dladla, ethintwa ngalokhu, uthe ufike ngemuva kwesikhathi, ubengekho enkantolo, ngakho ngeke aphawule.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, ithe ngeke balukhulume udaba lokungalingani kweholo iSamwu ekhala ngalo ngoba lolo daba olusingethwe ezingeni likazwelonke, umhlangano wakhona ungesonto elizayo.
"Abasebenzi beSamwu bathi abekho esitelekeni kodwa imiphakathi eminingi ivalelwe amanzi nogesi, kwezinye izindawo udoti awulandiwe okufaka ingcindezi emphakathini ozikhokhelayo lezi zidingo. Abasebenzi abatholakala bephule umthetho bazobhekana nokuqondiswa kobugwegwe," kusho uKaunda.
UMnuz Roshan Lil-Ruthan wenhlangano yomphakathi iVerulam Rate Payers Association, uthe lesi siteleka siholele ekutheni izakhamizi ezibalelwa ku-150 000 zaseVerulam zingabi nawo amanzi.
"Abantu abashayeke kakhulu abantu abahluphekayo abahlala ezindaweni eziyimijondolo, abangenazo izimoto zokuhamba bayofuna amanzi ezindaweni ezinawo noma imali yokuwathenga. Amaloli amanzi umasipala uke wawathumela kodwa ajika ngoba esatshiswa ngabasebenzi abatelekile," kusho uLil -Ruthan.