ASAYINE isivumelwano sokusebenzisana amaqembu afuna ukuketula i-ANC.
Lesi sivumelwano sisayinwe emva kwezingxoxo zezinsuku ezimbili zala maqembu ezisongwe ngoLwesine, ntambama.
Ukusayinwa kwesivumelwano kumenyezelwe usihlalo wezingxoxo, uSolwazi William Gumede.
Amaqembu ayingxenye yesivumelwano iDA, IFP, ActionSA, FF Plus, ISANCO kanye namanye amancane.
UGumede uthe ukusayinwa kwesivumelwano kuyigxathu elibalulekile.
“Inhloso yethu enkulu ukukhulisa umnotho wakuleli. Wonke amaqembu ayingxenye yesivumelwano azibophezele kulesi sivumelwano.”
UGumede uthe emva kokhetho lwangonyaka ozayo, amaqembu ayingxenye yesivumelwano azokuba nomhlangano lapho kuzokube kwabelwana ngezikhundla.
“Iqembu elizothola amavoti amaningi akusho ukuthi umengameli uzoqhamuka kulona. Kuzobhekwa kuwona wonke amaqembu ukuthi ubani ofanelwe ilesi sikhundla.”
La maqembu athe angeke angene ezingxoxweni zokubusa ngokubambisana ne-ANC ne-EFF.
Lesi sinqumo senza ukuthi ongoti abaningi babone la maqembu engeke akwazi ukuthola izihlalo ezanele uma ezochayisa i-EFF ne-ANC.