PHEZU kokuba iKwaZulu-Natal inomhlaba ovundile wokulima kodwa ucwaningo lwakamuva loMnyango wezoLimo luveza ukuthi abantu baseZululand, Mkhanyakude, Mzinyathi naseHarry Gwala basabulawa yindlala.
Lo mbiko udluliselwe ngokusemthethweni kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli noMphathiswa wezoLimo kulesi sifundazwe, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa izolo, e-Olive Convention Centre, eThekwini.
UDkt Jemina Moeng onguMqondisi wezokuVikelwa kokudla eMnyangweni wezoLimo kuzwelonke , uthe ucwaningo lwabo luqale lwabheka ukuthi abantu banakho yini ukudla ezweni jikelele, bathola ukuthi kukhona kodwa kusenezindawo lapho abantu belala bengadlile.
“INingizimu Afrika ikhiqiza ukudla okungasuthisa bonke abantu baseNingizimu Afrika. Sibe sesehla sibheka izifundazwe nazo zonke izifunda zakhona. Sithole ukuthi iZululand, Mkhanyakude, Mzinyathi neHarry Gwala inabantu abalala bengadlile. Yisimo esibi lesi ngoba KwaZulu-Natal kunomhlabathi ovundile,” kusho uDkt Moeng.
Uveze ukuthi babuye bathola ukuthi KwaZulu-Natal kunesibalo esikhulu sabantu abakhuluphele ngokweqile kwathi e-Eastern Cape naseNorthern Cape bathola abafishane nabondile.
Uthe yize iKwaZulu-Natal ingakhiqizi imbewu nemfuyo eningi kodwa incintisana neGauteng ngokukhiqiza imifino.
Uzwakalise ukujabula ngokuthi umbiko uthathwe wuNdunankulu noMphathiswa wezoLimo esho ukuthi njengoba belande abasebenzi boMnyango wezoLimo esifundazweni unalo ithemba lokuthi abantu balesi sifundazwe bazogqugquzeleka ukuba balime.
UNtuli uthe bazoba sembhidlangweni wokuqeda indlala ngokugqugquzela abantu ukuba balime kuzo zonke izifunda.
“Luzobuya uhlelo lwezingadi, sifuna izingadi emitholampilo, ezibhedlela, ezikoleni nasemakhaya. Ngizohambela zonke izifunda ngibheke ukuthi ngabe yonke imizi inezingadi. Sizoqinisekisa ukuthi abantu bathola imbewu, izithombo nomanyolo,” kusho uNtuli.
Uthe uzohambela zonke izikhungo zikahulumeni kungazi muntu ukubona ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani njengoba ebonakale esibhedlela iPrince Mshiyeni ngeledlule.
UMphathiswa wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uthe ezolimo zinamandla okuqeda indlala nokuvula amathuba amaningi omsebenzi ngakho intsha kufanele ingene kulo mkhakha.
Naye uthembise ukweseka abalimi nabo bonke abantu baKwaZulu-Natal ngembewu, izithombo, omanyolo nazo zonke izidingo zabo.